47
Amanzi Agelezayo Endlini
1Wayesengibuyisela emnyango wendlu. Kwakugeleza amanzi phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba indlu yayibheke ngasempumalanga. Amanzi aphophoza ephuma phansi ohlangothini lwakwesokunene lwendlu, ngaseningizimu ye-althare. 2Wayesengikhipha ngendlela yesango ngasenyakatho, wangizungezisa ngendlela engaphandle esangweni elingaphandle, elibheke endleleni esempumalanga. Bheka, kwakuphophoza amanzi ohlangothini lwaseningizimu.
3Kwase kuphuma umuntu, eya ngasempumalanga, ephethe umucu wokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa kwaba ngamakhubhithi ayinkulungwane, wayesengiweza emanzini, amanzi ayefinyelela emaqakaleni. 4Wabuye walinganisa enye inkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi ayesefinyelela amadolweni. Walinganisa enye futhi inkulungwane, wangiweza emanzini, amanzi ayesefinyelela okhalo. 5Waphinda walinganisa enye inkulungwane; kwakungumfula engangingekwazi ukuwuwela, ngokuba amanzi ayesejulile, sekungamanzi okubhukuda kuwo, umfula okungenakuweleka kuwo.
6Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, usubonile yini na?”
Wayesengihambisa, wangibuyisela osebeni lomfula. 7Kuthe sengibuyile, ngabona izihlahla eziningi kakhulu osebeni lomfula, ziwuphahlile.
8Wayesethi kimi: “Lawa manzi agelezela esifundeni empumalanga, ehlele e-Araba, aye olwandle, angene khona; lawa manzi aphophozayo aya olwandle, ukuze amanzi alo abe masha. 9Noma kuphi lapho umfula ugelezela khona, zonke izidalwa eziphilayo eziswebezelayo ziyakuphila, kube khona izinhlanzi eziningi kakhulu, ngokuba lawo manzi ayakuba esegelezele khona. 10Abadobi bezinhlanzi bayakuma ogwini lolwandle, kusukela e-Eni Gedi kuya e-Eni Egilayimi; kuyakuba yindawo yokuphonsa amanetha, kudotshwe izinhlanzi ezinhlobonhlobo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu. 11Kepha amaxhaphozi alo nezimbuku zalo akuyukwenziwa kube kusha, kuyakuyekwa kunosawoti. 12Ngasosebeni lomfula ngapha nangapha, kuyakumila zonke izinhlobo zemithi ethela izithelo, amaqabunga ayo awayukubuna, nezithelo zayo aziyukuphela; iyakuthela zinyanga zonke, ngokuba amanzi asuka endlini engcwele agelezela kuzo; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, kuthi amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.”
Umngcele Wezwe
13Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nanku umngcele eniyakulehlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwana ezili-12 zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili. 14Niyakwabelana lona ngokulinganayo, ngokuba ngasiphakamisa isandla sami, ngafunga ukuba ngilinike okhokho benu; leli lizwe liyakuba yifa lenu.
15“Lona-ke kuyakuba ngumngcele wezwe: ohlangothini olusenyakatho, kusukela oLwadle Olukhulu ngendlela eseHethiloni, eZedadi, 16eHamathi, eBherotha, eSibhirayimi ephakathi komngcele eDamaseku naseHamathi, kuze kube seHazeri Hathikhoni eliwumngcele ongaseHawurana. 17Umngcele osuka olwandle uyakuba yiHazari Enani engumngcele eDamaseku; enyakatho, ngasenyakatho umngcele yiHamathi. Lolu-ke wuhlangothi olusenyakatho.
18“Uhlangothi olusempulanga, lusukela phakathi kweHawurana neDamaseku, naphakathi kweGileyadi nakwa-Israyeli. Lolu luyakuba yiJordani; luyakusuka kulo mngcele luze lufike olwandle empumalanga naseThamari. Lolu-ke wuhlangothi olusempumalanga.
19“Uhlangothi oluseningizimu: Eningizimu luyakusukela eThamari luze lufike emanzini eMeribhathi Kadeshi, ngasemfudlaneni ongasoLwandle Olukhulu. Lolu-ke wuhlangothi oluseningizimu, ngaseningizimu.
20“Uhlangothi olusentshonalanga luyakuba luLwandle Olukhulu, kusukela emngceleni kuze kuqondane neLebo Hamathi. Lolu wuhlangothi olusentshonalanga.
21“Leli lizwe niyakuzehlukanisela lona ngokwezizwe zakwa-Israyeli. 22Niyakulehlakunisa ngonkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobele kini baze bazala abantwana behleli nani. Labo-ke seniyokubathatha njengeminsinsi yokuzimilela kubantu bakwa-Israyeli, nabo bayakwabelwa ifa kanye nani ezizweni zakwa-Israyeli. 23Kuyakuthi esizweni umfokazi agogobele kuso, nimabele ifa lakhe khona lapho,” kusho iNkosi uSimakade.