48
Izizwe Eziyakwabelwa Izwe
1“Nanka amagama ezizwe: UDani uyakuba nesabelo, kusukela emngceleni osenyakatho eceleni komgwaqo eHethiloni kuya eLebho Hamathi, kuze kuyofika eHazari Enani elingumngcele eDamaseku ngasenyakatho eceleni kweHamathi, kuya ohlangothini olusempumalanga kuze kube sentshonalanga. 2U-Asheri uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwaDani, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
3“UNafethali uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwa-Asheri, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
4“UManase uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
5“U-Efrayimi uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwaManase, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
6“URubeni uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwa-Efrayimi, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
7“UJuda uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwaRubeni, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
8“Ngasemngceleni wakwaJuda, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga, kuyakuba ngumnikelo eniyakunikela ngawo; ububanzi bube ngamakhubhithi ayizi-25 000, ubude bube njengesinye sezabelo kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga. Indlu engcwele iyakuba phakathi naso.
9“Umnikelo eniyakunikela ngawo kuSimakade uyakuba ngamakhubhithi ayizi-25 000 ubude, ububanzi bube ngayizi-10 000. 10Nanku umnikelo ongcwele: owabaphristi uyakuba ngamakhubhithi ayizi-25 000 ngasenyakatho, entshonalanga ube ayizi-10 000 ububanzi, empumalanga ube ayizi-10 000 ububanzi, nangaseningizimu ube ayizi-25 000 ubude. Indlu engcwele kaSimakade iyakuba phakathi nawo. 11Uyakuba ngowabaphristi, abehlukaniselweyo emadodaneni kaZadoki, abagcine inkonzo yami; abangadukanga ngesikhathi kuduka abakwa-Israyeli, njengoba kwaduka abaLevi. 12Kuyakuba ngumnikelo okhethekileyo kubo, umnikelo wezwe, endaweni engcwelengcwele, ngasemngceleni wabaLevi.
13“Maqondana nomngcele wabaphristi, abaLevi bayakuba nesabelo esingamakhubhithi ayizi-25 000 ubude, ububanzi bube ayizi-10 000, bonke ubude bube ayizi-25 000, ububanzi bube ayizi-10 000. 14Abayukuthengisa ngawo, bangananiselani ngawo; lena yindawo ekhethekileyo yezwe, bangalidluliseli komunye umuntu izwe, ngokuba lingcwele kuSimakade.
15“Indawo eseleyo engamakhubhithi ayizi-5 000 ububanzi nangayizi-25 000 ubude, iyakuba ngengengcwele; ibe ngeyomuzi, eyokwakha, neyamadlelo. Umuzi uyakuba phakathi nayo. 16Nazi izilinganiso zalo izwe: uhlangothi olusenyakatho kuyakuba ngamakhubhithi ayizi-4 500, oluseningizimu kube ayizi-4 500, olusempumalanga kube ayizi-4 500, nolusentshonalanga kube ayizi-4 500. 17Umuzi uyakuba namadlelo: ngasenyakatho kuyakuba ngamakhubhithi angama-250, eningizimu abe ngama-250, empumalanga abe ngama-250, nangasentshonalanga abe ngama-250. 18Indawo eseleyo emaqondana nendawo yomnikelo ongcwele, ubude bayo buyakuba ngamakhubhithi ayizi-10 000 ngasempumalanga, nayizi-10 000 ngasentshonalanga, kuqondane nomnikelo ongcwele. Izithelo zayo ziyakuba ngukudla kwabasebenza emzini. 19Abasebenza emzini bayakuwulima, bevela kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli. 20Wonke umnikelo uyakuba ngamakhubhithi ayizi-25 000, nayizi-25 000, ninikele ngomnikelo ongcwele, unezinhlangothi ezine nefa lomuzi.
21“Okuseleyo kuyakuba ngokwesikhulu ngapha nangapha komnikelo ongcwele, nefa lomuzi maqondana namakhubhithi ayizi-25 000 zomnikelo ngasemngceleni empumalanga, nasentshonalanga maqondana namakhubhithi ayizi-25 000 ngasemngceleni entshonalanga, kuqondane nezabelo, kube ngokwesikhulu. Umnikelo ongcwele nendlu engcwele kuyakuba phakathi nakho. 22Isabelo sabaLevi nendawo yomuzi kuyakuba phakathi kokwesikhulu, kuthi okwesikhulu kube phakathi komngcele wakwaJuda nomngcele wakwaBhenjamini.
23“Izizwe eziseleyo-ke: UBhenjamini uyakuba nesabelo, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
24“Ngasemngceleni wakwaBhenjamini, uSimeyoni uyakuba nesabelo, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
25“Ngasemngceleni wakwaSimeyoni, u-Isakhare uyakuba nesabelo, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
26“Ngasemngceleni wakwa-Isakhare, uZebuloni uyakuba nesabelo, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
27“Ngasemngceleni wakwaZebuloni, uGadi uyakuba nesabelo, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
28“Ngasemngceleni wakwaGadi, ohlangothini oluseningizimu ngaseningizimu, umngcele uyakusuka eThamari kuze kube semanzini eMeribhathi Kadeshi nasemfudlaneni, ngasoLwandle Olukhulu.
29“Yilo leli lizwe eniyakulehlukanisa ngonkatho, libe yifa lezizwe zakwa-Israyeli. Ilezo-ke izabelo zazo, kusho iNkosi uSimakade.”
Amasango Omuzi
30“Nanka amasango okuphuma omuzi: Kusukela ohlangothini olusenyakatho kuyakuba ngamakhubhithi ayizi-4 500 ngokulinganisa. 31Amasango omuzi ayakubizwa ngamagama ezizwe zakwa-Israyeli, amasango amathathu abe ngasenyakatho: elinye kuyakuba yisango lakwaRubeni, elinye kube ngelakwaJuda, elinye kube ngelakwaLevi.
32“Nasohlangothini olusempumalanga kuyakuba ngamakhubhithi ayizi-4 500, namasango amathathu: elinye kube yisango lakwaJosefa, elinye kube ngelakwaBhenjamini, elinye kube ngelakwaDani.
33“Nasohlangothini oluseningizimu kuyakuba yizi-4 500 ngokulinganisa, namasango amathathu: elinye kuyakuba yisango lakwaSimeyoni, elinye kube ngelakwa-Isakhare, elinye kube ngelakwaZebuloni.
34“Ohlangothini olusentshonalanga kuyakuba ngamakhubhithi ayizi-4 500, namasango awo amathathu: elinye kuyakuba yisango lakwaGadi, elinye kube ngelakwa-Asheri, elinye kube ngelakwaNafetali.
35“Kuyakuba ngamakhubhithi ayizi-18 000 nxazonke.
“Igama lomuzi, kusukela ngalolo lusuku, kuyakuthiwa USIMAKADE ULAPHA.”