U-Ezra 1
1
UKhoresi Ukhipha Umyalo Wokubuyiselwa Kwabathunjwa EJerusalema
1 Ngonyaka wokuqala kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kugcwaliseke izwi likaSimakade alikhuluma ngoJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, yase ishaya umthetho kuwo wonke umbuso wayo, yakhipha isimemezelo esibhaliweyo, esasithi: 2 “Nakhu okushiwo nguKhoresi, inkosi yasePheresiya, uthi:
“ ‘USimakade uNkulunkulu wasezulwini unginike yonke imibuso yomhlaba, wangiqoka ukuba ngimakhele indlu eJerusalema, kwaJuda. 3 Noma ngubani phakathi kwabo bonke abangabantu bakhe, sengathi uNkulunkulu wakhe angaba naye, makakhuphukele eJerusalema, kwaJuda, ayokwakha kabusha indlu kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, unguNkulunkulu oseJerusulema. 4Yonke insali esezindaweni zonke lapho igogobele khona, noma ngabe ihleli kuphi, kufanele ilekelelwe ngabendawo yakubo, bayinike isiliva, igolide, izimpahla, imfuyo neminikelo yesihle yendlu kaNkulunkulu eJerusalema.’ ”
5 Kwase kuthi izinhloko zemindeni yakwaJuda nezakwaBhenjamini, abaphristi nabaLevi, nabo bonke izinhliziyo zabo uNkulunkulu azithinta, balungiselela ukuhamba beyokwakha indlu kaNkulunkulu eJerusalema. 6 Omakhelwane babo babasiza ngezinto zesiliva nezegolide nangezinye izinto, nemfuyo nezinto eziyigugu, ngale nje komnikelo wesihle ababewunikelela ithempeli.
7 Inkosi uKhoresi yazikhipha yona mathupha izitsha zasendlini kaSimakade ezazithathwe nguNebukhadinezari eJerusalema, wazibeka ethempelini lonkulunkulu bakhe. 8 Inkosi uKhoresi yasePheresiya lezo zinto wazinika uMithiredathi, umphathisikhwama, ukuba azibale, azinike uSheshibhazari, umbusi wakwaJuda.
9 Nantu uhla lwazo:
imicengezi yegolide yeminikelo engama-30, imicengezi yesiliva yeminikelo eyinkulungwane nemimese engama-29,
10imicengezi emincane yegolide engama-30, imicengezi emincane yesiliva engama-410 nezinye izitsha eziyinkulungwane.
11Sezizonke izitsha uSheshibhazari nabanye abathunjwa ababephuma eBhabhele beya eJerusalema abazithatha, zaziyi-5 400 zegolide, nesiliva, nezinye izinto.
Okuqokiwe okwamanje:
U-Ezra 1: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
![None](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapistaging.com%2F58%2Fhttps%3A%2F%2Fweb-assets.youversion.com%2Fapp-icons%2Fzu.png&w=128&q=75)
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.