IGenesisi 46

46
UJakobe Nabomndeni Wakhe Bathuthela EGibhithe
1 U-Israyeli waphuma eKhanani nakho konke ayenakho, kwathi lapho efika eBheri Sheba, wenzela uNkulunkulu kayise u-Isaka umhlatshelo. 2 UNkulunkulu wakhuluma ku-Israyeli ngemibono eminingi ebusuku, wathi: “Jakobe, Jakobe!”
Yena wathi: “Ngilapha.”
3 UNkulunkulu wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibhithe, ngizokwenza ube yisizwe esikhulu lapho. 4 Ngizohamba nawe ukuya eGibhithe, futhi ngiyakukukhuphula lapho; yisandla sikaJosefa esiyokucimezisa.”
5 UJakobe wasuka eBheri Sheba, amadodana ka-Israyeli amgibelisa uyise, nabantwana bawo, nomkawo ezinqoleni ezazikhishwe nguFaro ukuba zibathwale. 6 Baqhuba yonke imihlambi yabo, bathatha nempahla yonke ababeyithole eKhanani, uJakobe wakhukhula naso sonke isizukulwane sakhe baze bayofika eGibhithe. 7 Amadodana akhe, namadodana awo, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, bonke abantwana bakhe nesizukulwane sakhe behla naye baya eGibhithe.
Inzalo KaJakobe Eyafika EGibhithe
8Nanka amagama abakwa-Israyeli abahamba baya eGibhithe noJakobe nesizukulwane sakhe: uRubeni, izibulo lakhe, 9 namadodana akhe uHanokhi, uPhalu, uHezironi noKharimi. 10 Amadodana kaSimeyoni kwakunguJemuweli, uJamini, u-Ohadi, uJakhini, uZoha noShawule, owayezalwa ngowesifazane ongumKhanani. 11 Amadodana kaLevi: nguGereshoni, uKhohathi, noMerari. 12 Amadodana kaJuda kungu-Eri, u-Onani, uShela, uPherezi, noZera. Kuwona u-Eri, no-Onani bafela eKhanani. Amadodana kaPherezi: kwakunguHezironi noHamuli. 13 Amadodana ka-Isakhari: kunguThola, uPhuva, uJashubi, noShimroni. 14Amadodana kaZabuloni, kwakunguSeredi, u-Eloni, noJaleli. 15Yilawo-ke amagama amadodana uLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu, noDina indodakazi yakhe. Esewonke amadodana namadodakazi kaJakobe ayengama-33.
16Amadodana kaGadi: kwakunguZifiyoni, uHagi, uShuni, u-Ezibhoni, u-Eri, u-Arodi, no-Areli. 17 Amadodana ka-Asheri: kwakungu-Imna, u-Ishiva, u-Ishivi, uBheriya, noSera udadewabo. Amadodana kaBheriya: kwakunguHebhere noMalikhiyeli. 18Yilawo-ke amagama amadodana ayeyi-16 kaZilipha, awazalela uJakobe. ULabani wayenike uLeya indodakazi yakhe uZilipha ukuba abe yisisebenzi sakhe.
19Amadodana kaRaheli, umkaJakobe: kwakunguJosefa noBhenjamini. 20 Kuthe uJosefa eseGibhithe wazala uManase no-Efrayimi ku-Asenathi, indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni. 21Amadodana kaBhenjamini: kwakunguBhela, uBhekheri, u-Ashibheli, uGera, uNahamani, u-Ehi, uRoshi, uMuphimu, uHuphimu, no-Aridi. 22Lawa kwakungamadodana kaRaheli ayemzalele wona uJakobe; esewonke ayeyi-14.
23 Indodana kaDani kwakunguHushimu. 24Amadodana kaNafethali: kwakunguJahiziyeli, uGuni, uJezeri, noShilemu. 25Lawo kwakungamadodana kaBhiliha, uLabani ayemunike yena uRaheli, indodakazi yakhe, esewonke ayeyisikhombisa.
26Bonke abantu abangena eGibhithe noJakobe, abavela okhalo lwakhe ngaphandle kwabafazi babo, babengama-66. 27 Amadodana kaJosefa azalelwa eGibhithe aba mabili, ngakho-ke bonke abendlu kaJakobe abaya eGibhithe babengama-70.
UJakobe Uhlala EGosheni
28 UJakobe wathumela uJuda ukuthi ahambe phambili aye kuJosefa, ukuze abahole ukuya eGosheni. Ekufikeni kwabo eGosheni, 29 uJosefa wabophela inqola yakhe yempi, wakhuphuka, wamhlangabeza uyise u-Israyeli. UJosefa waziveza kuye, wamgona, wakhala isikhathi eside encike ehlombe lakhe.
30 U-Israyeli wathi kuJosefa: “Sengingafa manje njengoba sengizibonele ngawami ukuthi usawadla anhlamvana.”
31UJosefa wayesethi kubafowabo nakwabendlu kayise: “Ake ngihambe ngiyobikela uFaro ukuthi abafowethu nabendlu kababa abebeseKhanani sebefikile ukuzohlala nami. 32Lawa madoda angabelusi bemfuyo, amadoda anemihlambi, afike nayo yonke imfuyo yawo, nakho konke anakho. 33Kuyothi lapho uFaro enibuza ethi: ‘Uyini umsebenzi wenu na?’ 34 Niyothi: ‘Izinceku zakho selokhu kwathi nhlo zingabantu bemfuyo, thina nawobaba,’ ukuze anivumele nihlale eGosheni, ngokuba kwabaseGibhithe abelusi bayanengeka.”

Okuqokiwe okwamanje:

IGenesisi 46: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume