IGenesisi 50:14-21

IGenesisi 50:14-21 ZUL20

UJosefa wangcwaba uyise, qede wabuyela eGibhithe, nabafowabo, nabo bonke ababekhuphuke naye ukuyongcwaba uyise. Kuthe ukuba abafowabo bakaJosefa babone ukuthi uyise usefile, bathi: “Mhlawumbe uJosefa usasibambele igqubu, funa azame ukuziphindiselela kithi ngabo bonke ububi esabenza kuye.” Base bethumela kuJosefa, bathi: “Uyihlo washiya umyalelo engakafi, wathi: ‘Anotshela uJosefa ukuthi: ngiyakuncenga ukuba uxolele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba benza okubi kuwe.’ Manje siyakunxusa ukuba uxolele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” Kwathi ukuba lowo myalezo ufike kuJosefa, wakhala. Abafowabo bafika kuye mathupha, bazilahla phansi phambi kwakhe, bathi: “Siyizinceku zakho.” UJosefa wathi kubo: “Ningesabi. Kanti nginguNkulunkulu yini na? Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu. Ngakho-ke ningesabi, ngizoninakekela nina nabantwana benu.” Wabaduduza ngokukhuluma nabo kanjalo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IGenesisi 50:14-21