IGenesisi 6:1-4

IGenesisi 6:1-4 ZUL20

Kuthe lapho abantu sebeqala ukwanda ebusweni bomhlaba, sebezele amadodakazi, amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, aziqokela abafazi phakathi kwawo. USimakade wathi: “UMoya wami awuyukuhlala phakathi kwabantu kuze kube phakade, ngoba bayinyama nje. Iminyaka yabo yokuphila isizoba yi-120.” Ngalezo zinsuku nasemveni kwazo, kwaba khona iziqhwaga emhlabeni. Amadodana kaNkulunkulu alala namadodakazi abantu, awazalela abantwana. Baba ngamaqhawe asendulo, adumileyo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IGenesisi 6:1-4