UGenesise 6:1-4

UGenesise 6:1-4 CZB24

Kwathi lapho abantu beqala ukwanda emhlabeni, bezalelwa amadodakazi, Amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle; bazithathela abafazi kubo bonke ababakhethayo. INkosi yathi: UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, ngoba futhi uyinyama; kepha izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili. Kwakukhona iziqhwaga emhlabeni ngalezo zinsuku; nangemva kwalokho, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana, aba ngamaqhawe asendulo, amadoda anegama.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UGenesise 6:1-4