KumaHebheru 10

10
Inkonzo Yobuphristi Endala Nentsha
1 Njengalokhu umthetho uyisithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ngeke waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo. 2Uma-ke kwakungenjalo, ngabe ayiyekwanga yini ukunikelwa, ngoba abakhonzayo sebehlanjululiwe kwaba kanye, bengasayukuba nakho ukukhumbula isono na? 3 Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka, 4ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono. 5 Ngalokho-ke esezakufika emhlabeni, uthi:
“Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga,
kodwa ungilungisele umzimba.
6Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo
ngenxa yesono awuyithokozelanga.
7Ngase ngithi: ‘Manje ngiyeza.
Kulotshiwe ngami emqulwini wencwadi,
ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.’ ”
8Eseshilo ngenhla ukuthi: “Imihlatshelo, iminikelo, iminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga, awuyithokozelanga,” okuyiyona enikelwa njengoba kushiwo emthethweni. 9Wabuye wathi: “Ngiyeza ukwenza intando yakho.”
Ususa okokuqala, ukuze amise okwesibili. 10 Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Khristu, kwaba kanye kuphela.
11 Yilowo nalowo mphristi uyama ekhonza imihla ngemihla, enikela engaphezi ngayo leyo mihlatshelo engakwazi ukususa izono. 12 Kodwa Yena, esenikele ngomhlatshelo kwaba kanye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu, 13 ulindele ukuba izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe. 14Ngokuba ngamnikelo munye nje, ubaphelelise unomphelo labo abangcwelisiweyo.
15NoMoya oNgcwele uyafakaza kithi, ngokuba esekushilo ukuthi:
16“Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo,
emva kwalezo zinsuku, kusho iNkosi.
Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo,
ngiyiqophe engqondweni yabo,
17ngingabe ngisazikhumbula
izono zabo nobubi babo.”
18Kepha lapho kukhona ukuthethelelwa kwalokho, akusadingeki ukunikela ngenxa yesono.
Masisondele KuNkulunkulu Ngenhliziyo Eqinisileyo
19 Ngakho-ke bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu, 20ngendlela entsha nephilayo asivulela yona, edabula isihenqo, okungukuthi umzimba wakhe, 21 njengokuba sinomphristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu, 22 masisondele ngenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo. 23 Masibambisise isivumo sethemba lethu; singantengantengi, ngokuba uthembekile lowo owethembisayo. 24 Masinakekelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle. 25 Singakuyeki ukuhlangana kwethu njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sigqugquzelane, ikakhulu njengokuba nilubona usuku lusondela.
26 Ngokuba uma sona ngamabomu, emva kokuba sesilwemukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yezono, 27 kepha kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo nomlilo ovutha bhe ozakungqongqisa amaphikankani. 28 Noma ngubani ophule umthetho kaMose uyakufa engenakuhawukelwa ngezwi lofakazi ababili noma abathathu. 29 Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na? 30 Ngokuba siyamazi owathi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” futhi-ke: “INkosi iyakubehlulela abantu bayo.”
31Kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.
32 Kepha khumbulani izinsuku esezadlula, okwathi senikhanyisiwe, nabhekana nobunzima obukhulu bezinhlupheko. 33 Ngesinye isikhathi nithukwa, nihlukunyezwa, kubukiswa ngani, nangesinye isikhathi nizihlanganisa nalabo ababephila kanjalo. 34 Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade.
35 Ngakho-ke ningayeki ukuba neqholo, elinomvuzo omkhulu. 36 Ngokuba niyadinga ukubekezela, lokho kuyintando kaNkulunkulu ukuze kuthi lapho senikwenzile namukele isithembiso. 37 Akusensuku zatshwala afike ozayo, akayukulibala. 38 Kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa, kodwa uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyukuthokoza ngaye. 39Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHebheru 10: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume