UHoziya 12
12
Ukungathembeki Kuka-Efrayimi
1U-Efrayimi udla umoya,
uxoshana nomoya wasempumalanga,
abhebhethekise amanga nobudlova imihla yonke.
Wenza isivumelwano ne-Asiriya,
athumele amafutha eGibhithe.
2USimakade uthwesa uJuda icala,
uyakumjezisa uJakobe ngokwezindlela zakhe,
akhokhise kuye ngokwezenzo zakhe.
3Esesibelethweni wabamba umfowabo ngesithende,
esenamandla wabambana noNkulunkulu.
4Wabambana nengelosi, wanqoba;
wakhala, wanxusa kuyo isibusiso.
Yamfumana eBhethele,
yakhuluma nathi lapho,
5uSimakade uNkulunkulu Wamabandla,
uSimakade akhunjulwa ngalo.
6Kodwa kufanele wena
ubuyele kuNkulunkulu wakho,
ube nokwethembeka nobuqotho,
ulindele uNkulunkulu wakho njalo.
7IKhanani liphethe izikali zenkohliso
esandleni salo,
liyakuthanda ukuqola.
8U-Efrayimi uthi:
“Impela ngicebile,
senginentilibathwa yomcebo.
Kuzo zonke izithukuthuku zami
abayukuthola kimi okubi okuyisono.”
9Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho
selokhu kwaba seGibhithe.
Ngisazokwenza futhi uhlale emathendeni
njengasezinsukwini zemikhosi enqunyiweyo.
10Ngakhuluma kubaphrofethi,
ngandisa imibono,
ngenza imizekeliso ngesandla sabaphrofethi.
11Ngabe iGiliyadi selonakele?
Impela abaselutho;
bahlabe izinkunzi eGiligali,
ngakho-ke ama-althare abo
ayakuba njengenqwaba yamatshe
emiseleni yamasimu.
12UJakobe wabalekela e-Aramu,
u-Israyeli wasebenzela umfazi,
welusa umhlambi ukuze athathe umfazi.
13USimakade wakhuphula u-Israyeli
eGibhithe ngomphrofethi,
wamlondoloza ngomphrofethi.
14Kepha u-Efrayimi umchukuluze ngokwedlulele;
icala lakhe lokuchitha igazi
liyakuba phezu kwakhe,
iNkosi yakhe imthele ngehlazo lakhe.
Okuqokiwe okwamanje:
UHoziya 12: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.