U-Izaya 16

16
Ukuthunyelwa Kwemvana Kumbusi Wezwe
1Thumelani imvana kumbusi wezwe,
ivela eSela ngendlela esehlane,
iye entabeni yendodakazi yaseZiyoni.
2Amadodakazi akwaMowabi ayoba njengezinyoni ezizulazulayo,
namaphuphu ahlakazekileyo, emazibukweni e-Arinoni.
3“Lulekanani, nithathe isinqumo,
umphefumulo wabo ube njengobusuku
phakathi kwemini,
nibhacise abaxoshiweyo,
ningabadaluli ababalekileyo.
4Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabagogobale phakathi kwenu,
nibe yisiphephelo sabo kumbhubhisi.”
Kuyothi lapho umcindezeli engasekho,
nokubhujiswa sekuphelile,
seziqediwe nezidlova ezweni,
5kumiswe isihlalo sobukhosi ngomusa,
ethendeni likaDavide,
kuhlale kuso ngokwethembeka umehluleli
oyofuna ubulungiswa,
asheshe ukwenza okulungileyo.
6Sizwile ngokuziqhayisa kukaMowabi
ukuthi uphakeme kakhulu,
nangokuzidla kwakhe,
nokuqhosha kwakhe,
nokuchwensa kwakhe;
ukuzikhukhumeza kwakhe kuyize.
7Ngakho-ke abakwaMowabi mabamlilele uMowabi;
bonke balikhalele
ikhekhe elinamagilebhisi omisiwe
laseKhiri Haresethi.
Lilani nidabukele kuphela abavithizwe yizinhlupheko.
8Amasimu aseHeshibhoni ashaziwe,
kwabuna nezivini eSibhima,
ezixha zawo zamagilebhisi ekhethelo,
ayedaka amakhosi ezizwe
afinyelela naseJazeri,
enabela nasehlane;
amahlumela awo elulwa,
awela ulwandle.
9Ngakho-ke khalela izivini eSibhima
njengokulila kweJazeri.
Ngikuthela ngezinyembezi zami wena Heshibhoni,
nawe Elehale,
ngokuba ukujabulela isivuno sakho sezithelo
nesokusanhlamvu kuphelile.
10Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini yezithelo,
akusahlatshelelwa maculo;
ezivinini akusamenyezwa,
abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni;
ngikuqedile ukumemeza.
11Ngakho-ke ingaphakathi lami
likhala njengehabhu ngoMowabi,
nomphefumulo wami, ngeKhiri Heresi.
12Kuyothi lapho uMowabi ezibonakalisa,
ezikhathaza endaweni ephakemeyo,
aye ethempelini lakhe ukuyothandaza,
angaphumeleli.
13Yilelo izwi uSimakade alisho ngoMowabi ngaleso sikhathi. 14Manje uthi: “Eminyakeni emithathu, njengeminyaka yomqashwa, udumo lukaMowabi luzobukelwa phansi, ngisho noma enesixuku esikhulu; insali iyokuba yingcosana, futhi ingabi namandla.”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 16: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume