U-Izaya 17

17
Isiphrofetho NgeDamaseku
1Isiphrofetho ngeDamaseku.
“Yazini ukuthi iDamaseku liyoshatshalaliswa,
lingabe lisaba ngumuzi,
libe yinxiwa nencithakalo.
2Imizi e-Aroweri iyakushiywa
ibe ngeyemihlambi;
ibuthise khona,
ingethuswa muntu.
3Kuyobhidlika inqaba kwa-Efrayimi,
nombuso eDamaseku,
nensali e-Aramu,
kube njengodumo lwabantu bakwa-Israyeli,”
kusho uSimakade Wamabandla.
4“Ngalolo lusuku
udumo lukaJakobe luyodanjiswa,
kuphele ukukhuluphala
emzimbeni wakhe, azace.
5Kuyoba njengomuntu evuna amabele
emazimbeni asamile,
nengalo yakhe ivuna izikhwebu,
nanjengokhothozayo esigodini samaRefa.
6Umkhwanyo uyosala
njengokusale kuwohlozwa iminqumo:
izithelo ezimbili noma ezintathu
ezihlokweni phezulu,
ezine noma ezinhlanu
emagatsheni omuthi,”
kusho uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.
7Ngalolo lusuku abantu bayomfuna uMdali wabo,
amehlo abo agqolozele oNgcwele ka-Israyeli.
8Abasayukuwanaka ama-althare abo,
umsebenzi wezandla zabo,
abasayukuwubheka kulokho
okwenziwe yiminwe yabo,
o-Ashera nama-althare empepho.
9Ngalolo lusuku imizi ebiyelweyo
iyofana namanxiwa asehlathini
naseziqongweni zezintaba,
eyashiwa ngabantu bakwa-Israyeli,
yaba yincithakalo.
10Ngokuba umkhohliwe uNkulunkulu wensindiso yakho,
awulikhumbulanga iDwala ophephela kulo,
ngalokho-ke noma utshala izithombo zekhethelo,
uhlwanyele amahlumela angaziwayo,
11noma ungazenza zikhule ngosuku
ezitshalwe ngalo,
wenze okuhlwanyelweyo kuqhakaze ngakusasa,
nokho akuyukuba khona sivuno
ngalolo lusuku lokulila
nobuhlungu obungelapheki.
12Maye, ukuhlokoma kwezizwe eziningi,
zihlokoma njengokuduma kolwandle;
nomsindo wokuxokozela kwabezizwe,
unjengokuhlokoma kwamanzi amaningi.
13Izizwe zihlokomisa okwamanzi amaningi,
kodwa uyakuzijezisa,
zibalekele kude,
zixoshwe njengamakhoba
epheshulwa ngumoya ezintabeni,
nanjengothuli lupheshulwa yisiphepho.
14Ngokuhlwa, kuba yingebhe yodwa;
kuthi kungakasi zibe zingasekho.
Yileso-ke isabelo sabasiphangayo,
nonkatho lwabasiqhwagayo.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 17: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume