U-Izaya 18

18
Isiphrofetho NgeKhushe
1Maye, kuwe lizwe elibhakuzisa amaphiko,
eliphesheya kwemifula eKhushe,
2elithumela izithunywa ngolwandle,
zintweze emanzini ngemikhumbi yomhlanga!
Hambani zithunywa ezinejubane,
niye esizweni sabantu abade
abasikhumba sibushelelezi,
abantu abesatshwa kude naseduze,
isizwe esinamandla nezidlova;
esizwe laso lihlukaniswe yimifula.
3Nina nonke enakhile ezweni,
nina nonke enihlezi emhlabeni,
bhekani lapho sekuphakanyiswa ibhanela ezintabeni,
nilalele lapho kukhala icilongo.
4Ngokuba ungitshelile uSimakade, wathi:
“Ngizobuka, ngithule ngisendaweni yami,
njengokushisa kwelanga,
nanjengefu lamazolo ekushiseni ngesikhathi sokuvuna.”
5Ngokuba ngaphambi kokuvuna,
lapho imbali isiqhakaze
yaze yaphenduka igilebhisi elivuthiweyo,
uzowanquma wonke amagatsha ngocelemba,
namagatsha enabileyo uwanqume, uwasuse.
6Ayoshiywa ndawonye,
abe ngawamanqe asezintabeni,
nawezilwane zasemhlabeni.
Amanqe ayohlala kuwo ehlobo,
ebusika kuhlale kuwo zonke izilwane zomhlaba.
7Ngaleso sikhathi abantu abade,
abanesikhumba esibushelelezi,
bayoletha izipho kuSimakade Wamabandla,
zivela kubantu abesatshwa kude naseduze;
isizwe esinamandla nesinqobayo,
esilizwe laso lihlukaniswe yimifula.
Bayoziletha entabeni iZiyoni,
indawo yegama likaSimakade Wamabandla.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 18: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume