U-Izaya 49

49
U-Israyeli Uyinceku KaSimakade
1Ngilaleleni nina ziqhingi,
niqaphele nina bantu abakude;
uSimakade ungibizile kwasesibelethweni,
wangiqamba igama kwasesiswini sikamame.
2Wawenza umlomo wami
wanjengenkemba ebukhali,
wangithukusa ethunzini lesandla sakhe,
wangenza umcibisholo omenyezelayo,
wangithukusa emgodleni wakhe.
3Wathi kimi:
“Wena uyinceku yami,
Israyeli, engizoluveza ngayo udumo lwami.”
4Kodwa ngase ngithi:
“Ngikhandlekele ize,
amandla ami ngiwachithele okuyize nokungelutho;
nokho ubulungiswa obungifanele bukuSimakade,
nomvuzo wami ukuNkulunkulu wami.”
5Manje uthi uSimakade
owangibumba kwasesibelethweni,
ukuba ngibe yinceku yakhe
yokubuyisela kuye uJakobe,
nokuba kuqoqelwe kuye u-Israyeli,
ngokuba ngihloniphekile emehlweni kaSimakade.
UNkulunkulu wami waba ngamandla ami.
6Yebo, uthi:
“Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami,
ukuvusa izizwe zakwaJakobe,
nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli;
ngalokho ngiyakukwenza
ube ngukukhanya kwabezizwe,
ube yinsindiso yami
kuze kube semkhawulweni womhlaba.”
7Usho kanje uSimakade,
uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe,
kodelelekile oyisinengiso esizweni,
noyinceku yababusi, uthi:
“Amakhosi ayakubona qede asukume;
izikhulu zikubone, bese zikhothama
ngenxa kaSimakade othembekileyo,
oNgcwele ka-Israyeli; okukhethileyo.”
Isikhathi Somusa KaSimakade
8Usho kanje uSimakade, uthi:
“Ngiyakukuphendula ngesikhathi somusa,
ngikusize ngosuku lokusindiswa;
ngiyakukulondoloza,
ngikubeke ube yisivumelwano sabantu
sokubuyisa izwe,
nokubenza badle amafa achithekileyo.
9Eziboshweni, uthi:
‘Phumani,’
kulabo abasebumnyameni,
uthi: ‘Zibonakaliseni.’
“Bayoklaba ngasendleleni,
amadlelo abo abe semagqumeni wonke.
10Abayukulamba, abayukoma,
abayukushaywa yisifudumezi selanga,
ngokuba Yena onozwelo kubo
uyakubahola abayise emithonjeni yamanzi.
11Ngiyokwenza zonke izintaba zami
zibe yimigwaqo,
imendo yami iyakuphakanyiswa.
12Bheka, laba bayakuvela kude;
bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga;
nalaba eSinimi.”
13Jabulani mazulu,
uthokoze nawe mhlaba,
qhumukani zintaba, nihube,
ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe,
unozwelo kwabahluphekileyo bakhe.
USimakade Ukhuluma NeZiyoni
14Kodwa iZiyoni lithi:
“USimakade ungishiyile,
iNkosi ingikhohliwe.”
15“Owesifazane angakhohlwa yini
ngumntwana wakhe oncelayo,
angabi naluzwelo endodaneni ayizalayo na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa Mina angiyukukukhohlwa wena.
16Bheka, ngikulobe entendeni yezandla zami,
izingange zakho ziphambi kwami njalo.
17Abantwana bakho bayashesha;
abakuchithayo nabakwenza ize bayophuma kuwe.
18Phakamisa amehlo akho ubuke nxazonke,
bonke bayaqoqana, beza kuwe;
ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade,
“impela uyakubagqoka bonke njengemvunulo,
ubabhince njengomakoti.
19“Izindawo zakho ezichithekileyo neziyize,
nezwe lakho eliqothuliweyo kuyakuminyana
ngabakhileyo kukho,
nabakugwinyileyo bayakuba kude.
20Abantwana obazale ngesikhathi sakho sokuhlupheka
bayothi ezindlebeni zakho:
‘Indawo engikuyo iminyene;
sukani ukuze ngihlale.’
21Uyothi enhliziyweni yakho:
‘Ngubani ongizalele laba bantwana,
lokhu ngiphuciwe abantwana bami, angisenalutho,
ngingumthunjwa nozulane na?
Ngubani obakhulisile laba na?
Bheka, ngasala ngedwa,
babekuphi laba na?’ ”
22Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi:
“Ngizakuphakamisela izizwe isandla sami,
ngiphakamisele abantu ibhanela lami;
bayakuletha amadodana akho bewagone esifubeni,
namadodakazi akho bewathwele ehlombe.
23Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho,
nezindlovukazi zawo zibe ngabancelisi bakho;
bayokukhothamela, ubuso bubheke phansi,
bakhothe uthuli lwezinyawo zakho;
uyokwazi ukuthi nginguSimakade,
abethembela kimi abayukujabha.”
24Amaqhawe angayephucwa yini impango,
nolungileyo angaphunyuka ekuthunjweni na?
25Noma kunjalo, uSimakade uthi:
“Yebo, abathunjwa abangamaqhawe bayakuthathwa,
nempango yabacindezeli yophulwe,
kodwa Mina ngiyakulwa naye olwa nawe,
ngibasindise abantwana bakho.
26Ngiyakubadlisa abakucindezelayo, inyama yabo,
badakwe yigazi labo
kube ngathi bekuyiwayini elimnandi;
abantu bonke bayokwazi
ukuthi Mina Simakade nginguMsindisi wakho,
uMhlengi wakho,
uMninimandla kaJakobe.”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 49: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume