U-Izaya 6

6
Ukuthunywa Kuka-Izaya
1Ngonyaka wokufa kwenkosi u-Uziya, ngabona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo; umsila wengubo yakhe ugcwalise ithempeli. 2Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi; yilelo nalelo linamaphiko ayisithupha; ngamabili awo lamboza ubuso balo, ngamabili lamboza izinyawo zalo, nangamabili landiza. 3Elinye lamemeza kwelinye, lathi:
“Ungcwele, ungcwele,
ungcwele uSimakade Wamabandla,
wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”
4Izinsika zomnyango zathuthumeliswa yizwi lomemezayo, indlu yagcwala intuthu. 5Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ondebe zakhe zingcolile, futhi ngihleli phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile. Ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi uSimakade Wamabandla.”
6Elinye lamaserafi landizela kimi liphethe ilahle elivuthayo esandleni salo, elalilithathe ngodlawu e-althare. 7Lathinta umlomo wami, lathi: “Uyabona, lokhu kuzithintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho sezihlanguliwe.”
8Ngabuye ngezwa izwi leNkosi lithi:
“Ngiyothuma bani, ngubani oyosiyela na?”
Ngase ngithi: “Bheka, nangu mina; thuma mina.”
9Yathi: “Hamba uthi kulaba bantu:
“ ‘Yizwani, yizwani, kodwa ningaqondi;
bonani, bonani, kodwa ningazi.’
10Yenza inhliziyo yalaba bantu
ibe lukhuni,
izindlebe zabo zibe buthuntu;
ufiphaze amehlo abo,
funa babone ngamehlo abo,
bezwe ngezindlebe zabo,
baqonde ngenhliziyo yabo,
babuye, baphiliswe.”
11Ngase ngithi: “Nkosi, kuyoze kube nini na?”
Yathi:
“Kuze kuchithwe imizi,
kungabe kusaba khona ohlala kuyo,
izindlu zingabe zisaba namuntu,
nomhlaba ube yincithakalo neze,
12uSimakade aze adedisele kude abantu,
nencithakalo ibe nkulu ezweni.
13Ngisho noma kusasele
ingxenye yeshumi kulo,
iyobuye ishiswe njengomtherebhinte nomu-okhi
okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona,
inzalo engcwele iyisiqu sakho.”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 6: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume