U-Izaya 7

7
Isiphrofetho Sika-Izaya Ku-Ahazi
1Kwathi ngezinsuku zika-Ahazi, indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uRezini, inkosi yase-Aramu benoPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphuka bayokulwa neJerusalema, kodwa abakwazanga ukulinqoba. 2Kwathi lapho bezwa abendlu kaDavide, kuthiwa: “I-Aramu libambisene no-Efrayimi,”
inhliziyo yakhe neyabantu bakhe yangenwa yitwetwe, banyakaza njengezihlahla zehlathi zinyakaziswa ngumoya.
3USimakade wathi ku-Izaya: “Hamba uyobona u-Ahazi, wena noSheyari Jashubhi, indodana yakho, ungasekugcineni komsele wechibi elingenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi. 4Ubothi kuye: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, ungadangali enhliziyweni yakho ngenxa yalezi ziphunzi zezikhuni ezimbili ezithunqayo, nangokuvutha kolaka lukaRezini ne-Aramu, nolwendodana kaRemaliya. 5Ngokuba i-Aramu no-Efrayimi nendodana kaRemaliya bacebe ukukulimaza, bethi: 6“Masikhuphukele kwelakwaJuda, silicekele phansi, sizinqobele lona, bese sibeka indodana kaThabheyeli, ilibuse.”
7“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi:
“ ‘Akuyukuphumelela, futhi akuyukwenzeka,
8ngokuba inhloko ye-Aramu yiDamaseku,
inhloko yeDamaseku nguRezini;
ingakapheli iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu
u-Efrayimi uyobe esehlakaziwe,
engasesona ngisho isizwe.
9Inhloko yakwa-Efrayimi yiSamariya,
inhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya.
Uma ningakholwa,
impela aniyukuma.’ ”
Isibonakaliso Ngo-Imanuweli
10USimakade waqhubeka wakhuluma no-Ahazi, wathi: 11“Zicelele isibonakaliso kuSimakade uNkulunkulu wakho, sibe ngesijule njengendawo yabafileyo noma ngesiphakame njengezulu.”
12Kodwa u-Ahazi wathi: “Angiyukucela, futhi angiyukumlinga uSimakade.”
13Wayesethi: “Ake ulalele wena ndlu kaDavide! Kawukhathali yini ukuhlupha abantu, sewufuna ukukhathaza ngisho uNkulunkulu wami na? 14Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli. 15Uyodla izaqheqhe noju aze akwazi ukwala okubi nokukhetha okuhle. 16Ngokuba umntwana engakakwazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, leli lizwe okhathazwa ngamakhosi alo amabili liyobe lingasenamuntu. 17USimakade uzokwehlisela phezu kwakho, nabantu bakho, naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingakaze zibonwe kusukela ngosuku u-Efrayimi aqembuka ngalo kwaJuda, inkosi yase-Asiriya iyoba nawe shaqa.”
18Ngalolo lusuku uSimakade uyohlaba umkhosi ngekhwela kusabele izimpukane ezingasekugcineni kwemifudlana eGibhithe, nezinyosi e-Asiriya. 19Ziyofike ziphumule kuzo zonke izigodi ezineziwa, nasemifantwini yamadwala, nasemahlanzeni wonke, nakuwo wonke amadlelo. 20Ngalolo lusuku iNkosi iyakuphuca ngensingo eyiqashe ezifundeni ezingaphesheya komfula (okusho ukuthi inkosi yase-Asiriya), ikhanda neziboya emlenzeni, futhi iyihluthule isilevu. 21Kuyothi ngalolo lusuku, umuntu uyofuya isithole nezimvu ezimbili kuphela, 22bese kuthi ngobuningi bobisi esilukhiqizayo idle izaqheqhe, ngokuba izaqheqhe noju kuyodliwa yibo bonke abasele ezweni. 23Kuyothi ngalolo lusuku yonke indawo lapho bekumila khona imivini eyinkulungwane, ithengise inkulungwane yezinhlamvu zesiliva, kumile ameva namakhakhasi. 24Kuyoyiwa khona ngeminsalo nemicibisholo, ngokuba izwe liyobe seligcwele ameva namakhakhasi. 25Izintaba zonke ebezilinywa ngamageja akusayukuyiwa kuzo ngenxa yokwesaba ameva namakhakhasi, kodwa sekuyokhashelwa kuzo izinkabi nezimvu, zikugxobe.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 7: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume