U-Izaya 8

8
Isiphrofetho Ngokwehlulelwa Kuka-Israyeli
1USimakade wathi kimi: “Zithathele isibhebhe esikhulu, ubhale kuso ngokwendlela yomuntu, uthi Mahere Shalali Hashi Bhazi. 2Ngizakuzifunela ofakazi abaqotho, u-Uriya umphristi noZakhariya, indodana kaJebherekhiya.”
3Ngase ngilala nomkami umphrofethikazi; wakhulelwa, wazala indodana. USimakade wathi kimi: “Mqambe uthi nguMahere Shalali Hashi Bhazi, 4ngokuba uyothi umntwana engakakwazi ukuthi: ‘Baba,’ noma ‘Mama,’ ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya ibe isithuthelwe enkosini yase-Asiriya.”
5USimakade wabuye wakhuluma nami, wathi: 6“Ngenxa yokuthi laba bantu bawenqaba amanzi aseShilowa ageleza buthule, bathokozela uRezini nendodana kaRemaliya, 7ngalokho-ke iNkosi izobakhuphulela amanzi omfula onamandla amaningi, inkosi yase-Asiriya nabo bonke ubukhosi bayo. Uyakukhuphuka wemboze lonke usebe, weqe zonke izindonga zawo, 8utheleke kwaJuda. Uyogcwala, ufinyelele ezinkwazini, bese amaphiko awo elulekileyo agcwalise ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”
9Hlanganani zizwe, nishaqeke.
Bekani indlebe nina mazwe akude:
bophani izinkalo zenu, nokho niyodangala;
yebo, bophani izinkalo zenu,
kodwa niyakudangala.
10Cebani icebo, kodwa lizobhuntsha;
bophani izwi libe linye,
kodwa alinakuphumelela,
ngokuba uNkulunkulu unathi.
11UNkulunkulu ukhulumile kanjalo nami ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:
12“Ningakubizi ngokuthi wuzungu
konke lokhu laba bantu abathi wuzungu.
Ningakwesabi abakwesabayo;
ningabi naluvalo ngakho.
13USimakade Wamabandla, mungcweliseni, nimesabe,
kube nguye kuphela eninovalo ngaye.
14Uyakuba yisiphephelo,
futhi abe yitshe lokuqhuzuka,
nedwala lokukhubekisa
kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli;
abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.
15Abaningi phakathi kwabo bayakukhubeka,
bawe, bephuke;
bayakucushwa, babanjwe.”
16Bambisisisa ubufakazi,
uwugcizelele umthetho phakathi kwabafundi bami.
17Ngiyokumlindela uSimakade ositheze ubuso bakhe
kuyo indlu kaJakobe,
ngimlindele ngokwethemba.
18Bheka, mina nabantwana uSimakade angiphe bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuSimakade Wamabandla ohleli entabeni iZiyoni.
19Uma bethi kini: “Hambani nihlole kwabanamadlozi nabanemimoya, abahhumuzelayo, banyenyeze,”
kanti isizwe akumele yini sibuze kuNkulunkulu waso na? Singabahlolela yini abaphilayo, 20isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya. 21Bayodabula ezweni bexakekile, futhi belambile. Ekulambeni kwabo bayovutha bhe ulaka, bayethuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, baphenduke babheke phezulu. 22Bayobheka nasemhlabeni; babone kuphela inhlupheko, ubumnyama, nokuphelelwa yithemba, bayakuxoshelwa esigayegayeni.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 8: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume