Kusiza ngani, bazalwane bami, uma umuntu ethi uyakholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na? Uma umzalwane noma umzalwanekazi ehlubule, eswele ukudla imihla ngemihla, bese omunye wenu ethi kuye: “Hamba ngokuthula, uthokomale; usuthe,” kodwa engamuphi lokho okudingwa ngumzimba, kusiza ngani lokho na? Kanjalo-ke uma ukukholwa kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho. Kepha omunye uyakuthi: “Unokukholwa, mina nginemisebenzi;” ngikhombise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, mina ngizakukhombisa ukukholwa kwami ngemisebenzi yami.
Funda EkaJakobe 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: EkaJakobe 2:14-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo