NgokukaJohane 3

3
UJesu Ukhuluma NoNikhodimu
1 Kwakukhona umuntu owayengumFarisi, igama lakhe nguNikhodimu, engumholi wabaJuda. 2 Lo weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”
3 UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa kabusha, ngeke awubone umbuso kaNkulunkulu.”
4UNikhodimu wathi kuye: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena yini esibelethweni sikanina ngokwesibili, ukuba azalwe na?”
5 UJesu waphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, ngeke angene embusweni kaNkulunkulu. 6 Lokho okuzelwe ngokwenyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya, kungumoya. 7Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa kabusha.’ 8 Umoya uvunguza lapho uthanda khona. Uyawuzwa umsindo wawo, kodwa awuwazi lapho uqhamuka khona nalapho uqonde khona. Banjalo-ke bonke abazelwe nguMoya.”
9UNikhodimu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?”
10UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, kodwa awukwazi lokho na? 11 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo, kodwa anibemukeli ubufakazi bethu. 12Uma nginitshelile ngokomhlaba, kanakholwa; pho ningakholwa kanjani uma nginitshela ngokwasezulwini na? 13Akekho noyedwa owenyukele ezulwini, ngaphandle kwalowo owehla ezulwini, iNdodana yomuntu. 14Njengalokhu uMose wayiphakamisa inyoka ehlane, kanjalo neNdodana yomuntu imele ukuphakanyiswa, 15ukuze yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.
16“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. 17Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana yakhe ezweni ukuba izokwehlulela izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo. 18 Okholwa yiyo akehlulelwa, kodwa ongakholwa, usevele wehlulelwe, ngokuba engakholwanga eNdodaneni kaNkulunkulu ezelwe yodwa. 19Yilesi isehlulelo ukuthi ukukhanya kufikile emhlabeni, kodwa abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo imibi. 20 Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi, uyakuzonda ukukhanya; akezi ekukhunyeni, funa imisebenzi yakhe idaluleke. 21Kepha lowo owenza iqiniso, uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”
Ubufakazi Bokugcina BukaJohane
22Emva kwalokho uJesu nabafundi bakhe baya eJudiya, bahlala khona, wabhabhadisa. 23UJohane naye wayebhabhadisa e-Ayenoni eduze naseSalimi, ngokuba kwakunamanzi amaningi lapho. Abantu beza, babhabhadiswa. 24 Lokho kwenzeka uJohane engakafakwa ejele.
25Kwaqubuka impikiswano phakathi kwabafundi bakaJohane nomJuda othile mayelana nokuhlambulula. 26Beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owawunaye ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye useyabhabhadisa, abantu bonke baya kuye.”
27 UJohane waphendula, wathi: “Umuntu angemukele lutho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini. 28 Nani ngokwenu niyangifakazela ukuthi ngathi: ‘Angisiye uKhristu mina, kodwa ngithunyiwe ukuba ngimandulele.’ 29 Lowo onomakoti, ungumyeni; kepha umngani omise umyeni uyathokoza lapho ezwa izwi lomyeni. Ngakho-ke ukuthokoza kwami sekuphelelisiwe. 30Kufanele akhule Yena, kodwa mina nginciphe.
Lowo Ovela Ezulwini
31 “Lowo ovela phezulu, uphezu kwakho konke; kanti ovela emhlabeni, ungowomhlaba, ukhuluma okomhlaba. Lowo ovela ezulwini, uphezu kwakho konke. 32Ufakaza ngakubonileyo nakuzwileyo, kodwa akekho owemukela ubufakazi bakhe. 33 Lowo owamukela ubufakazi bakhe, uyaqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uqinisile. 34 Othunywe nguNkulunkulu ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu umuphe ngokupheleleyo uMoya. 35 UYise uyayithanda iNdodana, ngakho-ke unikele konke ezandleni zayo. 36 Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade, kodwa ongakholwa yiyo, akayukukubona ukuphila, kepha intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaJohane 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume