UJoshuwa 17

17
Isabelo Sesizwana SakwaManase
1 Isizwana sakwaManase sabelwa naso, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakhiri izibulo likaManase, uyise kaGileyadi wanikwa iGileyadi neBhashani, ngokuba wayeyiqhawe. 2Abozalo lukaManase bonke banikwa isabelo sabo ngokwemindeni yabo: abozalo luka-Abhiyezeri, abolukaHelekhi, aboluka-Asiriyeli, abolukaShekhemu, abolukaHeferi, nabolukaShemida; bonke laba babengabozalo lukaManase indodana kaJosefa; ngokwemindeni yabo.
3 Kepha uZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri kaManase wayengenamadodana, kungamadodakazi odwa. Nanka amagama amadodakazi akhe: uMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThirisa. 4 Eza phambi komphristi u-Eleyazare noJoshuwa indodana kaNuni, nabaholi bakwa-Israyeli, athi: “USimakade wayala uMose ukuba asinike isabelo sethu kanye nesabafowethu.”
Ngakho-ke ngokomyalo kaSimakade wawanika isabelo sawo phakathi kwabafowabo ababezalwa ndoda yinye. 5Lokho kwenza ukuba abakwaManase bathole izabelo ezilishumi ngaphandle kweGileyadi neBhashani ngaphesheya kweJordani, 6 ngokuba amadodakazi kaManase nawo athola ifa phakathi kwamadodana akhe; iGileyadi labelwa bonke abozalo lukaManase.
7Indawo yabakwaManase yayisuka e-Asheri iye eMikhemetha engaphambi kweShekhemi; bese umngcele uqhubeka ngaseningizimu uye kwababakhe e-Eni Thaphuwa. 8IThaphuwa kwakungelakwaManase, kodwa umuzi iThaphuwa osemngceleni wakwaManase wawungowozalo luka-Efrayimi. 9 Umngcele uyedlula uye phansi esigodini iKhana. Leyo mizi engaseningizimu yesigodi, phakathi kwemizi yakwaManase, yayingeyakwa-Efrayimi. Umngcele wakwaManase uqhubeka wedlule ngasenyakatho yesigodi uze uyogcina olwandle. 10Ngaseningizimu ngelika-Efrayimi, elingasenyakatho kwaManase, umngcele walo kungulwandle. Ngasenyakatho ufinyelela e-Asheri, kuthi ngasempumalanga ufinyelele e-Isakhare.
11 Phakathi kwelakwa-Isakhari nakwa-Asheri uManase wabelwa iBhethi Sheyani nemizana yalo, iJibheleyami nemizana yalo, izakhamuzi zaseDori nemizana yalo, ezase-Eni Dori nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, elesithathu yiNafathi.
12 Nokho abozalo lukaManase abakwazanga ukuyinqoba leyo mizi ibe yifa labo; amaKhanani aqhubeka nokuhlala kulelo lizwe. 13 Kodwa lapho u-Israyeli esenamandla wawenza izigqila amaKhanani, akaze awaxosha ngokupheleleyo ezweni.
Isabelo Sesizwana SakwaJosefa
14 Isizwana sabozalo lukaJosefa sakhuluma noJoshuwa, sathi: “Usinikeleni isabelo sasinye nengxenye eyodwa kuphela, ukuba kube yifa lethu, njengoba singabantu abaningi, futhi uSimakade eqhubeka nokusibusisa na?”
15UJoshuwa wathi kubo: “Uma ningabantu abaningi, khuphukelani ehlathini nizicabele indawo ezweni lamaPherizi namaRefa, ngokuba elezintaba kwa-Efrayimi lincane kakhulu kini.”
16 Abozalo lukaJosefa bathi: “Elezintaba alisanele, kodwa wonke amaKhanani ahlala emathafeni anezinqola zensimbi, lawo aseBhethi Sheyani nemizana yalo, nalawo asesigodini iJizreyeli.”
17UJoshuwa wathi kubo abendlu kaJosefa nabaka-Efrayimi noManase: “Uyisizwe esikhulu impela, futhi unamandla amakhulu, awuyukunikwa isabelo esisodwa, 18 kodwa elezintaba kuzoba ngelakho, ngokuba nakuba liyihlathi nizolicaba libe yifa lenu namaphethelo alo, ngokuba nizowaxosha amaKhanani, ngisho enezinqola zensimbi, futhi enamandla.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJoshuwa 17: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume