UJoshuwa 20
20
Imizi Eyisithupha Yokuphephela
1 USimakade wakhuluma kuJoshuwa, wathi: 2 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Misani imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngoMose 3ukuze lowo obulala umuntu ngephutha engahlosile abalekele kuyo; iyokuba kini yindawo yokuphephela kumphindiseli wegazi. 4Umbulali uyakubalekela komunye wayo afike ame esikhaleni sesango lomuzi, achazele amalunga alowo muzi indaba yakhe, bese emthatha amngenise emzini, amnike indawo ahlale phakathi kwawo. 5Uma umphindiseli wegazi emlandela, ngeke neze amnikele kuye umbulali, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe ngephutha, kwakungekho nzondo phakathi kwabo ngaphambilini. 6Umbulali uyohlala kulowo muzi kuze kuthethwe icala lakhe ebandla, kuze kufe umphristi omkhulu wangaleso sikhathi, ngaphambi kokuba umbulali abuyele ekhaya, emzini ayebaleke kuwo.’ ”
7 Behlukanisa iKadeshi eGalile ezintabeni kwaNafethali, iShekhemi ezintabeni kwa-Efrayimi, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni ezintabeni kwaJuda. 8 Phesheya kweJordani ngasempumalanga yeJerikho, behlukanisa iBhezeri esehlane lethafa lesizwana sakwaRubeni, iRamothi kwaGileyadi esizwaneni sakwaGadi, neGolamu eBhashani esizwaneni sakwaManase. 9Lena kwakuyimizi eyehlukaniselwa bonke abantu bakwa-Israyeli nabafokazi ababegogobele phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulele umuntu ngephutha abalekele khona, angabulawa ngumphindiseli wegazi, aze ame phambi kwebandla kuthethwe icala lakhe.
Okuqokiwe okwamanje:
UJoshuwa 20: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.