Ngenyanga yesithupha, ingelosi uGabhriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini eGalile, okuthiwa yiNazaretha, entombini eyayithenjiswe umendo yindoda enguJosefa, wendlu kaDavide; igama lentombi kwakunguMariya. Seyifikile, yasondela ingelosi lapho ayekhona, yathi kuye: “E! Wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.” Kepha yena wethuka lapho ezwa izwi layo, wazindla ngokuthi kungaba kubingelela kuni lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama uthi nguJesu. Yena uyakuba mkhulu, abizwe ngokuthi yiNdodana yoPhezukonke. INkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi, sikayise uDavide; uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyukuphela.” UMariya wathi engelosini: “Kuyokwenzeka kanjani lokhu, njengokuba ngingayazi indoda na?” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke lo ongcwele, ozakuzalwa, uzakubizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu. Phela u-Elizabethe, isihlobo sakho, obekuthiwa inyumba naye ukhulelwe indodana esemdala; le yinyanga yakhe yesithupha. Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.” UMariya wathi: “Ngiyincekukazi yeNkosi; makwenzeke kimi njengezwi lakho.” Ingelosi yemuka kuye.
Funda NgokukaLuka 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 1:26-38
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo