NgokukaLuka 14:12-14

NgokukaLuka 14:12-14 ZUL20

Wayesethi kommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma sakusihlwa, ungamemi abangani bakho, abafowenu, umndeni wakini, nomakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, lokho kube ngumvuzo kuwe. Kepha uma wenza idili, mema abampofu, abakhubazekileyo, izinyonga, nezimpumputhe; uyakubusiswa, ngokuba abananto yokukubuyisela, kepha uyakuthola umvuzo ekuvukeni kwabalungileyo.”