Kwakukhona umuntu eJerusalema, ogama lakhe kunguSimeyoni. Lo muntu wayelungile, futhi emesaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe. Wembulelwa nguMoya oNgcwele ukuthi akayukufa engakamboni uKhristu, iNkosi. Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba bamenzele lokho okuyisiko lomthetho, wamemukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi: “Nkosi, sale usumukisa inceku yakho ngokuthula, njengezwi lakho, ngokuba amehlo ami ayibonile insindiso yakho oyilungisele ebusweni babantu bonke; ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”
Funda NgokukaLuka 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 2:25-32
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo