Kuthe esazindla ngalokhu; bheka kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi ephusheni, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya abe ngumkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokukaMoya oNgcwele. Uzakuzala iNdodana, uyiqambe igama uthi nguJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.” Konke lokho kwenzeka ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomphrofethi, yathi: “Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.” UJosefa esevukile ebuthongweni, wenza njengalokhu imyalile ingelosi yeNkosi, wamthatha umkakhe; akazange alale naye, waze wazala indodana; wayiqamba igama wathi nguJesu.
Funda NgokukaMathewu 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 1:20-25
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo