Kuthe sezihambile izazi; bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, yathi: “Vuka uthathe umntwana nonina, ubalekele eGibhithe, uhlale khona, ngize ngikutshele, ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuze ambulale.” Wavuka khona ebusuku wathatha umntwana nonina, baya eGibhithe. Wahlala khona, waze wakhothama uHerode ukuze kugcwaliseke okwashiwo yiNkosi ngomphrofethi, yathi: “Ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe.” Kwathi ukuba uHerode abone ukuthi izazi zimshaye ngemfe iphindiwe, wathukuthela kakhulu. Wathumela, wabulala bonke abantwana besilisa baseBhethlehema, nasezindaweni zonke ezakhelene nalo, ababeneminyaka emibili nangaphansi, njengokwesikhathi izazi ezazimtshele sona.
Funda NgokukaMathewu 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 2:13-16
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo