Ngakho-ke anokhuleka kanje: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; siphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; sithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’ “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. Kepha uma ningabathetheleli abantu, noYihlo akayukunithethelela iziphambeko zenu. “Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukubali njengabazenzisi, ngokuba bayabipha, ukuze babonwe ngabantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo. Kepha, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho, ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile, kodwa kuYihlo osekusithekeni; uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.”
Funda NgokukaMathewu 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 6:9-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo