Kwakuthi njalo ngesikhathi somkhosi, uPilatu abakhululele isiboshwa sibe sinye abasicelileyo. Kwakukhona omunye owayebizwa ngoBharabha, owayeboshwe namahlubuka, okwathi ngesikhathi sokuhlubuka, babulala umuntu. Isixuku sakhuphuka saya kuPilatu siyomcela ukuba asenzele njengalokhu ayejwayele ukusenzela. Kepha uPilatu wabaphendula, wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?” UPilatu wayazi kahle ukuthi abaphristi abakhulu bamnikele ngenxa yomona. Kepha abaphristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba sithi kungcono asikhululele uBharabha. UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho nithi angenzenjani ngalona enithi uyinkosi yabaJuda na?” Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!” Kepha uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?” Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele!” Khona uPilatu ethanda ukuthokozisa isixuku wasikhululela uBharabha, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe.
Funda NgokukaMakhu 15
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 15:6-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo