Wabashiya, wangena futhi esikebheni, walibangisa ngaphesheya. Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa; babengenalutho ngaphandle kwesinkwa esisodwa esasisesikebheni. Wayesebayala ethi: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nekaHerode.” Babephikisana bodwa, bethi ukusho lokhu ngokuba bengenazinkwa. UJesu ekwazi abadlinza ngakho, wathi kubo: “Nikhulumelani nodwa ngokuthi aninazinkwa na? Anikaboni yini, futhi anikaqondi? Inhliziyo yenu iselukhuni na? Ninamehlo, kodwa aniboni yini, ninezindlebe kodwa anizwa na? Anisakhumbuli yini mhlazana ngihlephulela abayizi-5 000 izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?” Bathi kuye: “Ezili-12.” “Mhlazana izinkwa ziyisikhombisa kwabayizi-4 000, lapho nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?” Bathi kuye: “Eziyisikhombisa.” Wathi kubo: “Anikaqondi yini namanje na?”
Funda NgokukaMakhu 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 8:13-21
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo