UNahumi 1
1
Ulaka LukaSimakade NgeNineve
1Isiphrofetho ngeNineve. Incwadi yombono kaNahumi wase-Elikoshi.
2USimakade unguNkulunkulu onomhawu, nophindiselayo;
uSimakade uyaphindisela,
uthukuthele uyabila,
ngolaka lwakhe uyaphindisela
kwabamelene naye,
Uzithukuthelela njalo izitha zakhe.
3USimakade uyaphuza ukuthukuthela,
mkhulu ngamandla,
impela onecala akayukumyeka angamjezisi,
indlela kaSimakade isesivunguvungwini nasesiphephweni,
amafu awuthuli lwezinyawo zakhe.
4Ukhuza ulwandle, alomise,
nemifula yonke ayishise,
iBhashani neKharimeli kuyabuna,
kuntshwame nezimbali eLebhanoni.
5Izintaba ziyazamazama phambi kwakhe,
amagquma ancibilike,
umhlaba uyavokomala,
nezwe nabo bonke abahlala kulo.
6Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na?
Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe
oluvuthayo na?
Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo,
namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.
7USimakade muhle,
uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,
uyabazi labo abaphephela kuye.
8Kepha ngesikhukhula esiqongile
uyakushabalalisa indawo yakhona,
izitha zakhe azixoshele ebumnyameni.
9Noma ngabe yiluphi uzungu enilwakhela uSimakade
uyakuluqeda nya.
Ukuhlupheka akuyuphinda kabili.
10Lapho bethandela njengameva,
isiphuzo sabo sifana nesezidakwa,
bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.
11Kukhona ovela kuwe
oceba okubi ngoSimakade,
umluleki owonakele.
12Usho kanje uSimakade:
“Noma benamandla, futhi bebaningi,
kodwa bayakuqothulwa bashabalale,
nakuba ngikuhluphile,
kepha ngeke futhi ngisakuhlupha.
13Manje-ke sengizoliphula ijoka elikuwe,
ngigqashule izibopho zakho.”
14Kepha uSimakade uyalezile ngawe
ukuthi akusayukuphinde kutshalwe egameni lakho,
endlini yonkulunkulu bakho
ngiyakunquma isithombe esibaziweyo
nesithombe esibunjiweyo,
ngiyakwenza ithuna lakho,
ngokuba awuyinto yalutho.
15Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle,
omemezela ukuthula.
Gubha imikhosi yakho Juda,
feza izifungo zakho,
ngokuba omubi akasayukudabula futhi kuwe.
unqunywe ngokupheleleyo.
Okuqokiwe okwamanje:
UNahumi 1: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.