INumeri 18
18
Umsebenzi Wabaphristi NabaLevi
1 USimakade wathi ku-Aroni: “Wena namadodana akho nabendlu kayihlo niyothwala ububi bendawo engcwele. Wena namadodana akho niyothwala ububi bobuphristi benu. 2 Abafowenu, besizwana sakwaLevi isizwana sikayihlo, basondeze nabo ukuze bahlanganiswe nawe, bakukhonze. Kepha wena, namadodana akho, niyoba ngaphambi kwethende lobufakazi. 3 Bayokwenza wonke umsebenzi wakho nomsebenzi wonke wethende, kodwa abayukusondela empahleni yendlu engcwele nase-althare, ukuze bona nani ningafi. 4Bayakuzihlanganisa nawe, bagcine inkonzo yethende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wethende; umfokazi akayukusondela kuwe.
5 “Niyakugcina inkonzo yendlu engcwele nenkonzo yase-althare, ukuze ulaka lungabe lusaba khona phezu kwabantu bakwa-Israyeli. 6 Bhekani, Mina ngithathe abafowenu abaLevi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli. Bayisipho kini, esehlukaniselwe uSimakade ukwenza umsebenzi wethende lokuhlangana. 7 Wena, namadodana akho ahlala nawe, niyakugcina ubuphristi kukho konke okuphathelene ne-althare, nakukho konke okungaphakathi kwesihenqo. Lokhu kungumsebenzi wenu, ngokuba ngininika ubuphristi bube yinkonzo eyisipho kini, umfokazi osondelayo uyobulawa.”
Isabelo Sabaphristi
8 USimakade wakhuluma ku-Aroni, wathi: “Uyabona-ke, Mina ngikunike igunya phezu kweminikelo yami naphezu kwazo zonke izipho ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli. Ngizinike wena namadodana akho njengengxenye eyisimiso sabaphristi phakade. 9 Lokhu kuyakuba ngokwenu ezintweni ezingcwelengcwele ezisale emlilweni, kuyo yonke iminikelo yabo, nakuyo yonke iminikelo yabo yokusanhlamvu, nakuyo yonke iminikelo yabo yesono, nayo yonke iminikelo yabo yecala abayonikela ngayo kimi, iyoba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho. 10 Lokhu niyokudlela endaweni engcwelengcwele, kuyodliwa yibo bonke abesilisa; kuyoba ngcwelengcwele kini.
11 “Nakhu okungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzungeziswa yabakwa-Israyeli, ngikunika wena namadodana namadodakazi akho, kube ngokwenu kuze kube phakade. Yilowo nalowo ohlambulukileyo kwabendlu yakho uyakukudla.
12 “Konke okuhle kwamafutha amasha nakho konke okuhle kwewayini elisha nokusanhlamvu, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuSimakade, ngikunike khona. 13 Ulibo lwakho konke okusezweni lakubo abaluletha kuSimakade luyakuba ngolwakho. Yilowo nalowo ohlambulukileyo kwabendlu yakho uyakukudla.
14 “Konke okwehlukanisiwe kwa-Israyeli kuyoba ngokwakho. 15 Amazibulo wonke ezintweni eziphilayo, abayonikela ngawo kuSimakade: kungaba ngawabantu noma ngawezilwane, kuyoba ngokwakho. Nokho izibulo lomuntu uyolihlenga, nezibulo lesilwane esingcolileyo. 16 Intengo yokuhlengwayo, kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho, iyoba ngamashekeli ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendawo engcwele elingamagera angama-20.
17 “Kepha izibulo lenkomo, noma lemvu, noma lembuzi, awuyukulihlenga; lingcwele. Uyofafaza ngegazi lalo e-althare, ushise amanoni alo abe ngumnikelo womlilo oliphunga elimnandi kuSimakade. 18 Inyama yalo iyoba ngeyakho: isifuba sokuzungeziswa nomlenze wangakwesokunene kuyoba ngokwakho. 19 Yonke iminikelo yezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli abanikela ngayo, ngiyinika wena namadodana namadodakazi akho, ibe ngeyenu kuze kube phakade. Kuyisivumelwano sikasawoti, kuze kube phakade phambi kukaSimakade, kuwe nasezizukulwaneni zakho.”
20 USimakade wathi ku-Aroni: “Awuyukuba nafa ezweni lakubo, futhi awuyukuba nasabelo phakathi kwabo; Mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.
Isabelo SabaLevi Sokweshumi
21 “Abozalo lukaLevi ngibanike okweshumi kwa-Israyeli ukuba kube yifa labo; ngomsebenzi abawenzayo ethendeni lokuhlangana. 22 Abantu bakwa-Israyeli abayukusondela ethendeni lokuhlangana, funa bathwale isono, bafe. 23 AbaLevi bayokwenza umsebenzi wokukhonza ethendeni lokuhlangana, bathwale ububi bawo. Kuyoba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo, naphakathi kwabantu bakwa-Israyeli abayukuba nalifa. 24 Okweshumi, abantu bakwa-Israyeli abanikela ngakho kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, ngikunike abaLevi ukuba kube yifa labo. Yingakho ngithe kubo: ‘Abayukuba nalifa phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.’ ”
25USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 26“Uyobatshela abaLevi uthi kubo: ‘Uma nithatha okweshumi kwabantu bakwa-Israyeli engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu, anonikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, okweshumi kokweshumi. 27Umnikelo wenu uyakubalelwa kini, njengokusanhlamvu kwesibuya nanjengokugcwala kwesikhamo sewayini. 28Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukela kubantu bakwa-Israyeli; niyakunikela ku-Aroni umphristi, ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade. 29Kuzo zonke izipho eniziphiwayo, niyakwehlukanisa umnikelo ofanele uSimakade, okwekhethelo kukho konke kuyingxenye engcwelisiweyo.’
30“Yisho futhi kubo uthi: ‘Uma ninikela ngokwekhethelo kwakho, kuyakubalelwa kubaLevi njengesivuno sesibuya nanjengesivuno sesikhamo sewayini. 31Niyakukudlela noma kuyiphi indawo, nina nabezindlu zenu, ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu ethendeni lokuhlangana. 32 Lapho seninikelile ngokwekhethelo kwakho, aniyukuba nacala, kodwa aniyukuzingcolisa izinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli, futhi aniyukufa.’ ”
Okuqokiwe okwamanje:
INumeri 18: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.