KwabaseFiliphi 1

1
Isibingelelo
1 UPawula noThimothewu, izinceku zikaKhristu uJesu, kubo bonke abangcwele kuKhristu uJesu abaseFiliphi, nababheki bebandla kanye nabadiyakhoni. 2 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.
UPawula Ubonga UNkulunkulu Ngabo, Abakhulekele
3 Ngiyambonga uNkulunkulu wami ngezikhathi zonke enginikhumbula ngazo. 4 Njalo ekuninxuseleni kwami, nginxusa ngokuthokoza, 5 ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela ngosuku lokuqala kuze kube manje. 6 Nginesibindi ngempela sokuthi owuqalile umsebenzi omuhle kini uzakuwufeza, kuze kube wusuku lukaKhristu uJesu. 7 Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli.
8UNkulunkulu ungufakazi wami ukuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngenxa yesihe sikaJesu Khristu. 9 Ikakhulukazi ngikhulekela ukuba uthando lwenu lwande kakhulu, lujule ekwazini nasekuqondeni konke, 10 ukuba nikwazi ukukhetha okusemqoka, ukuze nibe mhlophe, futhi ningabi nasici osukwini lukaKhristu; 11 nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ngaye uJesu Khristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.
UPawula Ulanda Ngokuhlala Kwakhe Eboshiwe ERoma
12 Bazalwane, ngithanda ukuba nazi ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine sekuqhubekisela phambili ivangeli. 13 Kwaze kwabacacela bonke abasendaweni yokwahlulela nabo bonke abanye, ukuthi ukuboshwa kwami kungenxa kaKhristu. 14Kanjalo-ke iningi labazalwane eNkosini laba neqholo ngokuboshwa kwami, lakulungela ukukhuluma izwi lingesabi.
15 Abanye kambe bashumayela uKhristu ngomhawu nangombango, kodwa abanye ngenhliziyo enhle. 16Abanye bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli. 17 Kepha labo abanye bashumayela uKhristu ngombango, kungengokwethembeka, bezitshela ukuthi bangangidalela uchuku ngisaboshiwe. 18Pho kunani na? UKhristu uyashunyayelwa ngezindlela zonke, kungaba ngokuzenzisa noma ngokweqiniso. Kukho konke lokho mina ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza. 19 Ngokuba ngiyazi ukuthi imikhuleko yenu nokungisiza kwenu okukhulu ngokukaMoya kaJesu Khristu, kuzakwelekelela ekukhululweni kwami. 20 Ngiyalangazelela, futhi ngethemba ukuthi akukho lutho oluzongijabhisa, kodwa ngizokuba nesibindi esanele ukuze njengokuba kuhlala kwenzeka, uKhristu enziwe mkhulu emzimbeni wami, noma kungokuphila noma kungokufa. 21 Ngokuba kimina ukuphila kunguKhristu, ukufa kuyinzuzo. 22 Kepha uma ukuphila kulo mzimba kuyisithelo somsebenzi kimi, engizakukukhetha angikwazi. 23 Manje ngimanqikanqika; nginesifiso sokumuka ngibe noKhristu, ngokuba yilokho okuhle kakhulu; 24kanti futhi ukuhlala kulo mzimba kudingeke kakhulu ngenxa yenu. 25 Nginaso lesi siqiniseko, futhi ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala, yebo, ngihlale nani nonke, kuqhubeke ukuthokoza kwenu ekukholweni, 26 ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKhristu uJesu ngobukhona bami futhi kini.
UPawula Uyabayala Ukuba Bahambe Ngokwevangeli
27 Okubalulekile, hambani ngokufanele ivangeli likaKhristu, ukuze kuthi noma ngiza ukuzonibona noma ngizwa ngani ngingekho, ngizwe ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye; nilwela inkolo yevangeli. 28 Maningethuswa ngalutho yilabo abamelene nani, okuyisiboniso kubo sokubhubha kwabo, kodwa nina niyakusindiswa; lokhu impela kuvela kuNkulunkulu. 29 Ngokuba nina nabelwe ngenxa kaKhristu, hhayi nje ukuba nikholwe kuye, kodwa nokuba nihlupheke ngenxa yakhe, 30 lokhu nani-ke nisalwa leyo mpi enangibona ngiyilwa, namanje nizwile ukuthi ngisayibambile.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseFiliphi 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume