Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi, uma zithi kuwe: “Woza, hamba nathi ukuze sibalalele unyendle, ngaphandle kwesizathu, sichithe igazi labangenacala! Masibagwinye bezwa okwendawo yakwalasha, sibaphonse egodini bephila. Siyozitholela yonke ingcebo eyigugu, sigcwalise izindlu zethu ngempango, senze unkatho phakathi kwethu, sabelane sonke sikhwameni sinye!” Ndodana yami, ungazibandakanyi nabo, ungalubhadi unyawo lwakho ezindleleni zabo, ngoba izinyawo zabo zigijimela ebubini, bayashesha ukuchitha igazi. Ngokuba balendlalele ize inetha labo, ukucupha ugibe izinyoni zonke zibuka. Laba baqamekela elabo igazi, balala unyendle belalela impilo yabo. Zinjalo izindlela zabo bonke abathola inzuzo ngokungafanele; leyo nzuzo iyakuthatha impilo yomniniyo.
Funda IZaga 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZaga 1:10-19
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo