IZaga 16:17-33

IZaga 16:17-33 ZUL20

Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe. Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela. Kungcono ukuba nomoya othobekileyo phakathi kwabahluphekayo, kunokuhlukaniselana impango nabazidlayo. Oqaphela akukhulumayo ufumana okuhle, ubusisiwe owethembela kuSimakade. Onengqondo ehlakaniphileyo ubizwa ngokuthi unokuqonda, nenkulumo emtoti yandisa imfundiso. Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho, kepha ubuwula buyisijeziso seziwula. Inhliziyo yohlakaniphileyo inikeza ukuqonda okujulile kokhulumayo, yenezele imfundiso ezindebeni zakhe. Amazwi amnene anjengamakhekheba oju; amnandi emphefumulweni, angukuphila emathanjeni. Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa. Iphango lesisebenzi liyasisebenzela, ngokuba siqhutshwa yindlala. Isidwanyampuphu siphanda okubi, nokuphuma ezindebeni zaso kunjengomlilo weshisandlu. Umuntu owonakeleyo udala ingxabano, nexoki lehlukanisa abangani. Umuntu oyisidlova uyenga umakhelwane wakhe, amholele endleleni embi. Ovala amehlo uhlela okuphambeneyo, noququda imihlathi ufeza okubi. Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufunyaniswa endleleni yokulunga. Owephuza ukuthukuthela ungcono kuneqhawe, nobusa umoya wakhe, kunonqoba umuzi. Unkatho lwenzelwa emathangeni, kepha sonke isinqumo salo sivela kuSimakade.

Funda IZaga 16