IzAga 16:17-33
IzAga 16:17-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe. Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela. Kungcono ukuba nomoya othobekileyo phakathi kwabahluphekayo, kunokuhlukaniselana impango nabazidlayo. Oqaphela akukhulumayo ufumana okuhle, ubusisiwe owethembela kuSimakade. Onengqondo ehlakaniphileyo ubizwa ngokuthi unokuqonda, nenkulumo emtoti yandisa imfundiso. Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho, kepha ubuwula buyisijeziso seziwula. Inhliziyo yohlakaniphileyo inikeza ukuqonda okujulile kokhulumayo, yenezele imfundiso ezindebeni zakhe. Amazwi amnene anjengamakhekheba oju; amnandi emphefumulweni, angukuphila emathanjeni. Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa. Iphango lesisebenzi liyasisebenzela, ngokuba siqhutshwa yindlala. Isidwanyampuphu siphanda okubi, nokuphuma ezindebeni zaso kunjengomlilo weshisandlu. Umuntu owonakeleyo udala ingxabano, nexoki lehlukanisa abangani. Umuntu oyisidlova uyenga umakhelwane wakhe, amholele endleleni embi. Ovala amehlo uhlela okuphambeneyo, noququda imihlathi ufeza okubi. Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufunyaniswa endleleni yokulunga. Owephuza ukuthukuthela ungcono kuneqhawe, nobusa umoya wakhe, kunonqoba umuzi. Unkatho lwenzelwa emathangeni, kepha sonke isinqumo salo sivela kuSimakade.
IzAga 16:17-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe. Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa. Kungcono ukuba nomoya othobekileyo kanye nabathobekileyo, kunokwabelana impango nabazidlayo. Onakekela izwi uyakufumana okuhle, nowethembayo kuJehova ubusisiwe. Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo, nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso. Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho, kepha ubuwula bungukulaywa kweziwula. Inhliziyo yohlakaniphileyo iyafundisa umlomo wakhe, yenezele imfundiso ezindebeni zakhe. Amazwi amahle anjengamakhekheba oju; amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni. Kukhona indlela eqondile phambi komuntu, kepha ukuphela kwayo kuyizindlela zokufa. Iphango lesisebenzi liyasisebenzela, ngokuba umlomo waso uyasiqhuba. Umuntu omubi uphanda okubi, nasezindebeni zakhe kunjengomlilo ohlangulayo. Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana, nomncethezi wahlukanisa abahlobo. Umuntu oyisidlwangudlwangu uyenga umakhelwane wakhe, amhambise endleleni engenhle. Ocimeza amehlo akhe uceba okuphambanisayo, noluma izindebe zakhe ufeza okubi. Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufumaniswa endleleni yokulunga. Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe, nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi. Inkatho yenzelwa emathangeni, kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.
IzAga 16:17-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; ogcina indlela yakhe ugcina umphefumulo wakhe. Ukuzidla kwandulela ukubhujiswa, nomoya ozidlayo wandulela ukuwa. Kungcono ukuthobeka kanye labathobekileyo kulokuhlanganyela impango labaziqhenyayo. Ophatha indaba ngokuhlakanipha uyakufumana okuhle; nowethembayo uJehova ubusisiwe. Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi ohlakaniphileyo, nobumnandi bezindebe bukhulisa ukufunda. Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho, kepha ukulaya kweziwula kungubuwula. Inhliziyo yohlakaniphileyo ifundisa umlomo wakhe, yenezele imfundiso ezindebeni zakhe. Amazwi amnandi anjengekhekheba lezinyosi, amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni. Kukhona indlela ebonakala ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa. Osebenzayo uzikhandlekela; ngoba umlomo wakhe uyakufuna kuye. Umuntu omubi umba okubi, ezindebeni zakhe kukhona njengomlilo ovuthayo. Umuntu oyisiwula uhlanyela ukuxabana, lomhlebi wehlukanisa abangane. Umuntu oyisidlwangudlwangu uyenga umakhelwane wakhe, amhole endleleni engalungile. Uyavala amehlo akhe ukuze acabange okubi; ngokunyakazisa izindebe zakhe uveza ububi. Impunga ingumqhele wenkazimulo lapho itholakala endleleni yokulunga. Obekezelayo ungcono kuneqhawe; nobusa umoya wakhe njengalowo othumba umuzi. Inkatho yenzelwa emathangeni; kepha konke ukulunga kwakho kungokukaJehova.