IZaga 26:17-23

IZaga 26:17-23 ZUL20

Njengomuntu obamba inja eyedlulayo ngamadlebe, unjalo ozigaxa engxabanweni yabanye abantu. Njengohlanya oluphonsa izikhuni nemicibisholo ebulalayo, unjalo umuntu okhohlisa umakhelwane wakhe, athi: “Bengizintelela nje.” Ngaphandle kwezikhuni, umlilo uyacima, kanjalo lapho kungekho khona abahlebayo, ingxabano iyaphela. Njengamalahle othuthwini nezinkuni emlilweni, unjalo umuntu ophehla udweshu. Amazwi ohlebayo anjengesibiliboco: ayehlela ezibilini zomuntu. Njengesiliva okucakwe ngalo isitsha sobumba, zinjalo izindebe ezishelelayo nenhliziyo embi.

Funda IZaga 26