AMahubo 110

110
INkosi YaseZiyoni Ingumphristi Ngendlela KaMelkhizedeki
ElikaDavide. Ihubo
1USimakade wathi eNkosini yami:
“Hlala ngakwesokunene sami,
ngize ngenze izitha zakho
zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”
2USimakade eseZiyoni
uyakuyelula intonga yamandla akho,
Wena busa phakathi kwezitha zakho.
3Abantu bakho bayokuza kuwe,
behlobe ngemvunulo engcwele,
bayovela njengombethe entathakusa.
4USimakade akayukuguquka,
ufunge wagomela wathi:
“Wena ungumphrofethi
kuze kube phakade ngokukaMelkhizedeki.”
5INkosi ingakwesokunene sakho,
iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.
6Iyakwehlulela phakathi kwabezizwe,
kugcwale izidumbu,
ichoboze amakhanda ezizweni eziningi.
7Iyakuphuza emfuleni ngasendleleni,
ngalokho-ke iyakunqoba.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 110: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume