AMahubo 111

111
Ukubabaza Izenzo Ezinhle ZikaSimakade
1Makadunyiswe uSimakade!
Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke
enhlanganweni nasebandleni labaqotho.
2Mikhulu imisebenzi kaSimakade,
bazindla ngayo bonke abayithokozelayo.
3Ugcwele udumo nobukhosi umsebenzi wakhe,
nokulunga kwakhe kumi phakade.
4Wenze ukuba izimangaliso zakhe zikhunjulwe,
uSimakade unomusa nobubele.
5Abamesabayo ubapha ukudla,
isivumelwano sakhe usikhumbula njalo.
6Abantu bakhe ubabonise amandla
emisebenzi yakhe,
ngokubapha ifa labezizwe.
7Imisebenzi yezandla zakhe yethembekile,
futhi ilungile,
yonke imithetho yakhe iqinisekile,
8imiswe ngeqiniso nangobuqotho,
ukuba ime ingunaphakade.
9Wathumela ukuhlengwa kubantu bakhe,
wamisa isivumelwano sakhe
kuze kube phakade.
IGama lakhe lingcwele,
futhi liyesabeka.
10Ukumesaba uSimakade kungukuqala kokuhlakanipha,
banengqondo ehluzekile bonke abenza lokho.
Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 111: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume