AMahubo 113

113
Ukudumisa USimakade Ophakamisa Ompofu
1Haleluya!
Mdumiseni uSimakade zinceku zakhe,
dumisani igama likaSimakade.
2Malibongwe igama likaSimakade,
kusukela manje, kuze kube phakade.
3Malidunyiswe igama likaSimakade,
kusukela ekuphumeni kwelanga, lize liyoshona.
4USimakade uphakeme phezu kwezizwe zonke,
inkazimulo yakhe iphezu kwamazulu.
5Ngubani onjengoSimakade uNkulunkulu wethu,
ohleli phezulu,
6ozithobayo, abone ezulwini nasemhlabeni na?
7Uvusa ontulayo othulini,
amphakamise ompofu ezaleni,
8amhlalise nezikhulu, iziphathimandla zabantu bakhe.
9Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi,
ibe ngunina othokozayo wabantwana.
Haleluya!

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 113: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume