AMahubo 127

127
Zonke Izibusiso Zivela KuSimakade
Ihubo lokukhuphuka. ElikaSolomoni
1Uma uSimakade engayakhi indlu,
basebenzela ize abayakhayo;
uma uSimakade engawuvikeli umuzi,
umlindi wawo uwuqaphelele ize.
2Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni,
nephuze ukuphumula,
nidle isinkwa sezinhlupheko,
ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.
3Bheka, abantwana bayifa elivela kuSimakade,
isithelo sesibeletho singumklomelo.
4Njengemicibisholo esandleni seqhawe,
banjalo abantwana bobusha.
5Ibusisiwe indoda emgodla wayo
ugcwele bona,
abayukujabha lapho
bekhuluma nezitha zabo esangweni.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 127: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume