AMahubo 146

146
Ukudumisa USimakade Obusa Phakade
1Haleluya!
Dumisa uSimakade, mphefumulo wami.
2Ngisaphila ngizomdumisa uSimakade,
ngihube kuNkulunkulu wami ngisadla anhlamvana.
3Ningathembeli ezikhulwini nasemadodaneni abantu,
eningeke nathola lusizo kubo.
4Umoya wakhe uyaphuma,
yena abuyele emhlabathini wakhe,
ngalo lolo suku amacebo akhe ayaphela.
5Ubusisiwe lowo omsizi wakhe
kunguNkulunkulu kaJakobe,
othemba lakhe likuSimakade uNkulunkulu wakhe,
6owenze izulu nomhlaba, nolwandle,
nakho konke okukulo,
ogcina iqiniso kuze kube phakade.
7Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo,
opha abalambileyo ukudla,
uSimakade uyazikhulula iziboshwa.
8USimakade uyawavula amehlo ezimpumputhe, zibone.
USimakade uyabavusa abathotshisiweyo.
USimakade uyabathanda abalungileyo.
9USimakade uyabavikela abafokazi,
asize intandane nomfelokazi,
kodwa abhuntshise indlela yezikhohlakali.
10USimakade ubusa kuze kube phakade,
uNkulunkulu wakho, wena Ziyoni,
izizukulwane ngezizukulwane.
Haleluya!

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 146: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume