Kukodwa zwi engikucela kuSimakade, yilokhu nje engizimisele ukukwenza: ukuba ngihlale endlini kaSimakade zonke izinsuku zokuphila kwami, ngibuke ubuhle bukaSimakade, ngizindle ngisendlini yakhe. Ngokuba uzongifihla edokodweni lakhe ngosuku lwenhlupheko, angicashise endaweni efihlakele ethendeni lakhe, angiphakamisele edwaleni. Namanje ikhanda lami lizakuphakama phezu kwezitha zami ezingizungezile. Ngizonikela ngemihlatshelo, ngihlokome ngentokozo ngisethendeni lakhe. Ngihlabelele, ngidumise uSimakade ngokhehlegume. Ngizwe Simakade, lapho ngikunxusa, ube nomusa kimi, ungiphendule. Inhliziyo yami ithi uthe: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Simakade, ngiyabufuna.” Ungabufihli ubuso bakho kimi. Ungayixoshi inceku yakho ngentukuthelo; Wena uwusizo lwami, uze ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.
Funda AMahubo 27
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 27:4-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo