AMahubo 29

29
Izwi LikaSimakade Esivunguvungwini
Ihubo likaDavide
1Mnikeni udumo uSimakade,
nina zidalwa zezulu.
Mnikeni uSimakade udumo,
inkazimulo namandla.
2Mnikeni uSimakade udumo olufanele igama lakhe,
mdumiseni uSimakade ebukhazikhazini bakhe obungcwele.
3Izwi likaSimakade liphezu kwamanzi,
uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma;
uSimakade uphezu kwamanzi amaningi.
4Izwi likaSimakade linamandla.
Izwi likaSimakade liyinkazimulo.
5Izwi likaSimakade lephula imisedari;
uSimakade uphoqoza imisedari eLebhanoni.
6ILebhanoni alenze litshekule njengenkonyane,
neSiriyoni, njengethole lenyathi.
7Izwi likaSimakade lidlalisela kugqamuke amalangabi.
8Izwi likaSimakade lizamazamisa ihlane,
uSimakade unyakazisa ihlane;
uSimakade unyakazisa ihlane eKadeshi.
9Izwi likaSimakade liphunzisa izimbabala;
liphundla amahlathi,
konke okusethempelini lakhe kuthi:
“Udumo!”
10USimakade uhleli phezu kwezikhukhula,
uSimakade uyiNkosi,
ubusa kuze kube phakade.
11USimakade uzokupha abantu bakhe amandla.
USimakade uzobusisa isizwe sakhe ngokuthula.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 29: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume