AMahubo 6
6
Umkhuleko Wokucela Umusa Ngesikhathi Sokuhlupheka
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. NgeSheminti. Ihubo likaDavide
1Simakade, ungangithethisi ngentukuthelo yakho,
ungangishayi ngolaka lwakho.
2Yiba nesihawu kimi, Simakade,
ngokuba anginamandla;
ngiphilise, Simakade,
ngokuba amathambo ami ayankenketha.
3Umphefumulo wami uyesaba kakhulu,
kepha Wena, Simakade,
kuyoze kube nini na?
4Buya, Simakade,
ukhulule impilo yami,
ngisindise ngenxa yesihe
sothando lwakho.
5Akukho ukukhumbula
Wena kwelabafileyo;
ngubani oyakukubonga
endaweni yabafileyo na?
6Ngikhathele ngenxa yokububula kwami.
Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku,
ngincibilikisa ukhukho lwami
ngezinyembezi zami.
7Iso lami liyafiphala,
ngenxa yokudabuka;
selibuthakathaka,
ngenxa yezitha zami.
8Sukani kimi nina nonke
enenza okubi,
ngokuba uSimakade ulizwile izwi
lokukhala kwami.
9USimakade ukuzwile ukunxusa kwami,
uSimakade uyakuwamukela umkhuleko wami.
10Zonke izitha zami ziyoba namahloni,
ziphoxeke ngokwedlulele;
ziyakubuyela emuva
ngokuphazima kweso, zijabhile.
Okuqokiwe okwamanje:
AMahubo 6: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.