AMahubo 87

87
IJerusalema, Ikhaya Lezizwe
Elamadodana kaKhora. Ihubo
1Isisekelo sakhe sisezintabeni ezingcwele.
2USimakade uyawathanda amasango eZiyoni
kunayo yonke imizi kaJakobe.
3Kukhulunywa izinto ezidumisekayo ngawe,
muzi kaNkulunkulu. Sela
4Ngibala iRahabhi, neBhabhele
kulabo abazi mina,
bheka, iFilistiya, iThire neKhushe,
laba bazalelwa lapho.
5Kuyothiwa ngeZiyoni:
“Yilo, nalo bazalelwa khona,
Ophezukonke uyaliqinisa.”
6Mhla uSimakade eloba izizwe,
uyakubala ukuthi lo, wazalelwa khona. Sela
7Abahubayo nabasinayo bathi:
“Imithombo yami yonke ikuwe.”

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 87: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume