AMahubo 93

93
USimakade UyiNkosi
1USimakade uyiNkosi, wembethe ubukhosi,
uSimakade uvunule, ubhince amandla.
Izwe ulimise laqina, alinakunyakaziswa.
2Isihlalo sakhe sobukhosi
simi siqinile kwasemandulo.
Wena ukhona kuze kube phakade.
3Simakade, imifula iholoba ngamandla,
imifula iholoba kakhulu,
imifula iduma ngamandla amakhulu.
4USimakade kweliphezulu unamandla
ukwedlula ukuhlokoma kwamanzi amaningi,
nokuduma kwamadlambi olwandle.
5Ubufakazi bakho buqinisekile impela.
Simakade, ubungcwele buyifanele indlu yakho
kuze kube phakade.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 93: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume