AMahubo 96

96
Ukudunyiswa KukaNkulunkulu Yizizwe Zonke
1Hlabelelani uSimakade ihubo elisha,
nimhlabelele uSimakade, mhlaba wonke.
2Mhubeleni uSimakade, nibonge igama lakhe,
nimemezele insindiso yakhe imihla ngemihla.
3Landani ngenkazimulo yakhe kwabezizwe,
nezimangaliso zakhe kubantu bonke.
4Mkhulu uSimakade, udumisekile kakhulu,
uyesabeka ngaphezu konkulunkulu bonke.
5Bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,
kodwa uSimakade wenza izulu.
6Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe,
amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.
7Nina mindeni yabantu nikani uSimakade,
mnikeni uSimakade inkazimulo namandla.
8Mnikeni uSimakade inkazimulo yegama lakhe,
nilethe umnikelo,
ningene emagcekeni akhe.
9Khulekani kuSimakade, nihlobe ngobungcwele,
nithuthumele ebusweni bakhe, mhlaba wonke.
10Shonini phakathi kwezizwe, nithi:
“USimakade uyinkosi;”
umhlaba umi uqinile, awunakunyakaziswa.
Uyokwehlulela izizwe ngobuqotho.
11Malijabule izulu, umhlaba uthokoze,
maluhlokome ulwandle, nakho konke okukulo.
12Mawethabe amasimu, nakho konke okukuwo,
kwename imithi yonke yehlathi
13phambi kukaSimakade,
ngokuba uyeza,
impela uyeza ukuzokwehlulela umhlaba.
Uzowehlulela ngobuqotho umhlaba,
nezizwe ngokwethembeka kwakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 96: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume