Emveni kwalokho, ngase ngibona umnyango uvulekile ezulwini, nezwi engangilizwe kuqala linjengelecilongo lakhuluma nami, lathi: “Yenyukela lapha, ngizakukutshengisa okumele ukuba kwenzeke emva kwalokhu.”
Masinyane ngaba kuMoya. Kwase kumiswa isihlalo sobukhosi ezulwini, kukhona ohlezi phezu kwaso; ohleziyo wayefana netshe lejasphi nesardiyu ngendlela ayebukeka ngayo, nothingo lwenkosazana luzungeze isihlalo sobukhosi, lufana nesimaragidu ukubukeka kwalo. Isihlalo sobukhosi sasizungezwe yizihlalo zobukhosi ezingama-24; phezu kwezihlalo zobukhosi kuhlezi amalunga angama-24, embethe izingubo ezimhlophe, ethwele imiqhele yegolide emakhanda. Esihlalweni sobukhosi kwaphuma imibani, amazwi, nokuduma. Izibani zomlilo eziyisikhombisa zavutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya bakaNkulunkulu abayisikhombisa. Phambi kwesihlalo sobukhosi kwakukhona okunjengolwandle lwengilazi, lunjengekhristalu; ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine zigcwele amehlo phambili nasemuva. Isidalwa sokuqala sasifana nengonyama, esesibili sifana nethole, esesithathu sinobuso obunjengobomuntu, nesesine sinjengokhozi olundizayo. Kwakukhona nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo sinamaphiko ayisithupha. Nhlangothi zonke nangaphakathi zigcwele amehlo, zingakhawuli imini nobusuku ukuthi:
“Ingcwele, ingcwele, ingcwele,
iNkosi uNkulunkulu uSomandla
owayekhona nokhona nozayo.”
Kwakuthi lapho izidalwa zimdumisa zimbonga ohleli esihlalweni sobukhosi, Yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, amalunga angama-24 awe phansi, athi mbo ngobuso phansi, phambi kwakhe ohleli esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade, aphonse imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:
“Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu
ukwemukela inkazimulo nodumo namandla,
ngokuba wadala izinto zonke,
futhi zonke zikhona, zadalwa,
ngokuthanda kwakho.”