KwabaseRoma 5:15-19

KwabaseRoma 5:15-19 ZUL20

Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko, ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye kwafa abaningi; ikakhulu kwanda kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu, ngomusa wamuntu munye, uJesu Khristu. Isipho asinjengakho ukona kwamuntu munye, ngokuba uma ukwehlulela kwaba ngoyedwa, kube ngukulahlwa, isipho somusa sona saba ngeziphambeko eziningi, kube ngukulungisiswa. Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, kusobala-ke ukuthi abemukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga, bayakubusa ekuphileni ngalowo oyedwa zwi, uJesu Khristu. Ngakho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye, kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke, kanjalo ngasenzo sinye sokulunga, kwaba khona ukulungisiswa kokuphila kubantu bonke. Ngokuba ngokungalaleli kwamuntu munye, abaningi benziwa izoni; kanjalo ngokulalela kwamuntu munye, abaningi bayakwenziwa abalungileyo.