Kanjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKhristu uJesu. Ngakho-ke isono masingabusi emzimbeni wenu ofayo, nize nithobele izinkanuko zawo, futhi ninganikeli ngezitho zenu esonweni, ukuba zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo, abavukile kwabafileyo; nezitho zenu nizinikeleni kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga, ngokuba isono asiyukubusa phezu kwenu, phela anikho phansi komthetho, kodwa niphansi komusa. Pho senzenjani na? Siyakona yini ngokuba singekho phansi komthetho, kodwa siphansi komusa na? Qha akunjalo. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku ezimthobelayo, niyizinceku zalowo enimthobelayo; noma ezesono esiholela ekufeni, noma ezokuthobeka kube ngukulunga na? Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono, senilalela ngenhliziyo indlela yemfundiso enanikelwa kuyo, nokuthi senikhululiwe esonweni, naba yizinceku zokulunga.
Funda KwabaseRoma 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 6:11-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo