KwabaseRoma 6:11-18
KwabaseRoma 6:11-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu. Ngakho makungabusi isono emzimbeni wenu ofayo, nize nilalele izinkanuko zawo; futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga, ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa. Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube ngukufa noma ezokulalela kube ngukulunga, na? Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono senilalela ngenhliziyo indlela yesifundiso enanikelwa kuyo nokuthi, senikhululiwe esonweni, naba yizinceku zokulunga.
KwabaseRoma 6:11-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokunjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo ngempela esonweni, kodwa niphilele uNkulunkulu ngoKristu Jesu. Ngakho-ke makungabusi isono emizimbeni yenu efayo, nize nilalele izinkanuko zayo. futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga. Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu, ngokuba aniphansi komthetho, kodwa niphansi komusa. Kuyini pho? Siyakona yini, ngokuba singephansi komthetho kepha phansi komusa na? UNkulunkulu akakuvumeli. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo; loba okwesono kube ngukufa, kumbe ukulalela kube ngukulunga? Kepha makabongwe uNkulunkulu, ngokuba naniyizigqila zesono, nalalela ngokusuka enhliziyweni leyo ndlela yesifundiso enanikelwa ngayo. Senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zokulunga.
KwabaseRoma 6:11-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kanjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKhristu uJesu. Ngakho-ke isono masingabusi emzimbeni wenu ofayo, nize nithobele izinkanuko zawo, futhi ninganikeli ngezitho zenu esonweni, ukuba zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo, abavukile kwabafileyo; nezitho zenu nizinikeleni kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga, ngokuba isono asiyukubusa phezu kwenu, phela anikho phansi komthetho, kodwa niphansi komusa. Pho senzenjani na? Siyakona yini ngokuba singekho phansi komthetho, kodwa siphansi komusa na? Qha akunjalo. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku ezimthobelayo, niyizinceku zalowo enimthobelayo; noma ezesono esiholela ekufeni, noma ezokuthobeka kube ngukulunga na? Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono, senilalela ngenhliziyo indlela yemfundiso enanikelwa kuyo, nokuthi senikhululiwe esonweni, naba yizinceku zokulunga.
KwabaseRoma 6:11-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokunjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo ngempela esonweni, kodwa niphilele uNkulunkulu ngoKristu Jesu. Ngakho-ke makungabusi isono emizimbeni yenu efayo, nize nilalele izinkanuko zayo. Futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga. Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu, ngokuba aniphansi komthetho, kodwa niphansi komusa. Kuyini pho? Siyakona yini, ngokuba singephansi komthetho kepha phansi komusa na? UNkulunkulu akakuvumeli. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo; loba okwesono kube ngukufa, kumbe ukulalela kube ngukulunga? Kepha makabongwe uNkulunkulu, ngokuba naniyizigqila zesono, nalalela ngokusuka enhliziyweni leyo ndlela yesifundiso enanikelwa ngayo. Senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zokulunga.